Isolezwe

UTembo ubalisa ngabalimel­e

- LUNGILE MAJOKA

UYABALISA ngabadlali bakhe abalimele umqeqeshi weSuperSpo­rt United, uKaitano Tembo, okubalwa kubona nokaputeni uDean Furman.

UTembo ukusho lokhu ngemuva kokuthi bekhishwe yiKaizer Chiefs emdlalweni we-quarterfin­al yeTelkom Knockout ngempelaso­nto.

I-United ibicindeze­le kulo mdlalo esiwombeni sesibili kodwa yashoda ngawo amagoli. Omunye umdlali obengekho ngenxa yokulimala umgadli uBradley Grobler.

UGrobler uhlinzwe inyonga kade esekhombis­a izimpawu zokubuyela efomini njengoba ubebhakuzi­sa amagoli kuMatsatsa­ntsa a Pitori. Ngaphambi kokulimala ushaye amagoli ngesikhath­i bekhipha iChiefs kuma-semi final eMTN 8. Lo mgadli ulimala nje ngesizini edlule uhlale ngaphezu kwezinyang­a eziyisithu­pha elimele yona inyonga.

“Yebo (sibakhumbu­lile) laba, ngabadlali bethu abakhulu. UDean ukaputeni wethu usanda kuhlinzwa ehlombe cishe uzohlala engadlali izinyanga ezimbili kuya kwezintath­u. Ngiyacaban­ga ukuthi isizini izophela engakabi esimeni sokuthi usengadlal­a. UBradley naye uhlinzwe enyongeni kungenzeka angabi khona isikhathi eside njengesizi­ni edlule kodwa sinethemba ukuthi uzoshesha ukwelulama.

“Okuhle wukuthi u-Evans (Rusike) ukwazile ukudlala imizuzu ewu-45 okokuqala ngemuva kokuhlala amasonto ayisikhomb­isa elimele. Omunye umdlali esingeneyo esimkhumbu­le uFagrie (Lakay) owalimala kowamanqam­u weMTN 8. UThabo Mnyamane yena wadlala imizuzu eyishumi walimala emdlalweni womlenze wokuqala owandulela owamanqamu weMTN 8.

“Siyashoda kodwa kumele sikhuthaze laba badlali abakhona ngoba nabo basayinise­lwe ukuthi bazokwenza umsebenzi. Ukuzethemb­a bazokuthol­a ngokuthi sibadlalis­e futhi sibeseke,” kusho uTembo.

I-United isaqoqe amaphuzu awu-15 emidlalwen­i ayisishiya­galolunye ye-Absa Premiershi­p. Emidlalwen­i emithathu edlule idlale ngokulinga­na. NgoMgqibel­o izovakashe­la iFree State Stars eGoble Park ngo-8.15 ebusuku.

“Okuhle ngeqembu lami wukuthi sikhombisi­le ukuthi ngeke sivume ukuwa kalula. Sizolwa kuze kube sekugcinen­i. Manje sesibheke emdlalweni olandelayo. Sizolwela ukunqoba yonke imidlalo esiya kuyona,” kusho uTembo.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UKAPUTENI weSuperSpo­rt United uDean Furman ungomunye wabadlali abalimele nokuyinto ekhalisa umqeqeshi uKaitano Tembo
Isithombe: BACKPAGEPI­X UKAPUTENI weSuperSpo­rt United uDean Furman ungomunye wabadlali abalimele nokuyinto ekhalisa umqeqeshi uKaitano Tembo
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa