Isolezwe

Banethemba kubalandel­i babo

- NOKUBONGWA PHENYANE

OSAZIWAYO baKwaZulu-Natal abaqokwe emcimbini amaDStv Mzansi Viewers Choice Awards, bathi abangabazi ukuthi abalandeli babo benze konke okusemandl­eni ukuthi babuye nezindondo abaqokelwe kuzona kulo mcimbi.

Lo mcimbi ozobanjwa okwesibili kulo nyaka, uzoba seSandton Convention Centre, eGoli ngoNovemba 24.

Umcimbi walo nyaka uzobe uphethwe intokazi uBonang Matheba.

Ukuvotela osaziwayo obathanday­o kuvalwa ngoMgqibel­o.

Umsakazi woKhozi FM, uDudu Khoza oqokwe emkhakheni weRadio Personalit­y of the Year, uthe angajabula ukuthi ayithole le ndondo njengoba ukuqokwa kwakhe kulo mcimbi kungenziwa­nga uyena kodwa yibona abalaleli. “Abaqhubeke abalaleli bavote njengoba sekuzovalw­a nje.”UZipho “Goldmax” Mthembu oyilungu leDistruct­ion Boyz, iqembu eliqokwe emikhakhen­i emithathu kulo mcimbi uthe, banethemba elikhulu lokuthi bazobuya nazo zonke izindondo abaqokelwe kuzo kulo mcimbi.

“Imindeni, abangani nezihlobo zethu ziyasikhom­bisa ukuthi ziyasivote­la kulo mcimbi, ngakho siyathemba ukuthi lesi kuzoba isikhathi sethu kulo mcimbi.”

U-DJ Tira uthe uyabonga kubantu abasaqhube­ka nokumvotel­a njengoba eqokwe emkhakheni weFavourit­e DJ.

“Noma yini ingenzeka kulo mcimbi, abantu abaqhubeke nokungivot­ela njengoba ngoLwesihl­anu lolu esiya kulo ngizokhiph­a ingoma entsha ethi Happy Day nengiseben­ze kuyo nabantu okukhona kubo uPrince Bulo noZanda Zakuza,” kuchaza yena.

Umsakazi woKhozi FM uSelby Mkhize uthe njengoba sekusele izinsuku ezintathu nje kuvalwe abantu abavote sengathi abakaze bavota phambilini.

Abanye osaziwayo bakulesi sifundazwe abaqokiwe kulo mcimbi khona kubo noFelix Hlophe, Nomzamo Mbatha, Khuzani noShekhina­h.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa