Isolezwe

Abadala bafuna ukuholelwa ibhonasi ngoDisemba

- BONISWA MOHALE

BAFUNA uhulumeni abaholele ibhonasi ngoDisemba abantu abadala baseMgungu­ndlovu abathola impesheni kaR1 700 nyangazonk­e.

Abadala bathe uma kuwuDisemb­a bathwala kanzima ngoba kufanele bathenge igilosa kaKhisimus­i futhi izingane zisuke zivalile esikoleni ngakho ukudla kuyashesha ukuphela.

Ngo-Okthoba 30 abadala baseMgungu­ndlovu baye ePhalamend­e eCape Town beyothula isicelo sabo sokuthi uhulumeni abaphe ibhonasi.

Omunye wakade besePhalam­ende nguNkk Thoko Ngubane (64) wakwaMpumu­za, eMgungundl­ovu, othe uye ePhalamend­e ngebhasi ngoba efuna uhulumeni ezwe isikhalo sabadala abawu-3.4 million abondla imindeni yabo ngempeshen­i abayithola kuhulumeni.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa