Isolezwe

Bavale imigwaqo ngenxa yendle

- LUNGI LANGA

AMALUNGU omphakathi waseZimang­weni, eNanda avale umgwaqo ebhikishel­a indle egqitshwa emagcekeni uma kuhlanzwa amathoyile­thi omgodi.

Lokhu kulandela ukuqala kohlelo lokuhlanzw­a kwamathoyi­lethi okuthiwa lusanda kuqala nokukhona abanganeme ngalo. Amalungu omphakathi abedinwe egane unwabu avale umgwaqo ashisa amathayi ngoba ethi kufanele lumiswe lolu hlelo.

Elinye lamalungu omphakathi elingathan­danga ngegama lalo lithe kufike abantu bezohlanza amathoyile­thi emasontwen­i adlule kodwa uma bewahlanza bebefike bagqebhule izitini ngemuva kwethoyile­thi bese bekhipha indle bayithele emgodini ombiwe egcekeni bese bemboza. Lithe phambilini bekufike kukhishwe indle ifakwe amabhakede­ni bese ithuthwa ngezimoto zakhona bese iyolahlwa lapho elahlwa khona kodwa manje batshelwe ukuthi ayikho imali yokwenza lolu hlelo.

“Kweminye imizi bafike bayikhiphe indle bayimbele umgodi bese beshiya kanjalo bengavalil­e lapho abagqebhul­e khona. Nalapho abagqibe khona kwezinye izindawo kuyamfimfa. Sikhathaze­kile ngokuthi uma sekufika izimvula kuzokwenze­kani,” kusho ilungu lomphakath­i.

UNkk Makati Nzumo oyilungu lomphakath­i uthe yena unqabile ukuthi bahlanze ithoyileth­i ngalolu hlelo ngoba esebone okwenziwe kweminye imizi. Abanye bakhale ngokuthi lokhu kwenziwa bengekho emakhaya.

UNksz Sibongile Thango oyilungu lekomiti lomphakath­i uthe bazwile ngezikhalo zomphakath­i futhi bakubonile lokhu okhala ngakho. “Siyile sayobona ezindlini zabantu sabona lokhu okubakhali­sayo ngokuhlanz­wa kwamathoyi­lethi. Amanye amathoyile­thi ashiywe enezikhala, evalwe ngomata, amanye asevaliwe ngoba sikhalazil­e,” kusho uNksz Thango. Uthe okukhathaz­ayo ukuthi kube nomhlangan­o ngoLwesine emasontwen­i amabili adlule lapho umphakathi ucelile ukuthi lolu hlelo lumiswe kwangathi lokhu kuzokwenze­ka kodwa bamangala uma seluphinde luqhubeka ngale ndlela.

Ikhansela, uMnuz Njabulo Mabanga lithe liyazi ngalolu hlelo futhi nomphakath­i wawubikelw­e ngalo wavumelana nokuthi lwenziwe ngaphambi kokuthi luqale.

Lithe labo abathi abavumelan­i nalo kwavunyelw­ana ngokuthi ngeke lwenziwe emizini yabo. UMabanga uthe akekho oseke waletha isikhalo kuyena, ubone ngombhikis­ho nje.

 ?? Isithombe: BONGANI MBATHA/AFRICAN NEWS AGENCY (ANA) ?? AMALUNGU omphakathi waseZimang­weni ashise amathayi ekhala ngohlelo lokuhlanzw­a kwamathoyi­lethi
Isithombe: BONGANI MBATHA/AFRICAN NEWS AGENCY (ANA) AMALUNGU omphakathi waseZimang­weni ashise amathayi ekhala ngohlelo lokuhlanzw­a kwamathoyi­lethi
 ??  ??
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa