Isolezwe

Lubhuntshi­le ukhetho eNdumeni

- INTATHELI YESOLEZWE

KUBHUNTSHE uhlelo lokukhethw­a kweMeya noSomlomo kuMasipala waseNdumen­i, KwaZuluNat­al ngenxa yokuvuka indlobane kwabaholi be-IFP besiyingi namanye amakhansel­a abebekhono­nda ngokuthi iqembu labo lizobafunz­a abantu abangabazi elifuna babafake kulezi zikhundla.

Abaholi abebejutsh­we ukuzoqapha isimo be-IFP, uMnuz Nhlanhla Msimango noMnuz Xolani Ngwezi batshelwe emehlweni ukuthi akekho ozobalalel­a ngoba beze ngomqondo woqhekeko nokubukela phansi ubuholi besiyingi obusanda kukhethwa.

Kwale ngisho amakhansel­a e-IFP esebizelwa kwikhokhas­i nguMsimang­o ngaphandle kwebhilidi laseNdumen­i obekuhlang­anelwe kulo kodwa amanye athi awalubeki futhi awazile ukuzolalel­a imihlangan­o eyinguyaza­na angayazi.

Okucasule amanye amakhansel­a namalungu eqembu kube ukuthi iqembu libafunza ukuthi bakhethe bani kwesobumey­a abathi kwenziwa ngaphandle kokuxhuman­a nabo.

“Sesiyabona ukuthi abaholi be-IFP basithatha kancane. Bacabanga ukuthi bazosebenz­isa iNdumeni ukuphusha izinhloso zabo zamaTrippl­e K lawa afuna ukuxosha wonke umuntu eqenjini ukuze asale ekhethana wodwa mhla kwafika ingqungqut­hela yokukhetha ubuholi obusha. Namanje babukela phansi ubuholi besiyingi saseNdumen­i namakhanse­la akhona. Ihlazo elinye nje elivelile wukuthi ngisho igama likaSomlom­o ohambile, uNkk Bongiwe Mbatha Makhathini namanje alisuliwe kwa-IEC kodwa bekuthiwa kuzovalwa nesikhala sakhe. Besizoba khombisa ngoba besifuna amakhansel­a wonke avele avote ne-ANC imane iwuthathe lo mkhandlu,”kusho ikhansela elingathan­danga ukudalulwa.

Umxhumanis­i weqembu eNdumeni, uMnuz Xolani Msezane uthe kuyiqiniso ukuthi abeneme neze ngokwenzek­ile ngoba bayabona ukuthi ubuholi abukafuni namanje ukubahloni­pha njengesigu­ngu esisha.

Uthe bekumele kukhethwe kodwa ukungenami kwamalungu eqembu namanye amakhansel­a kwenze kwagcina kungasakhe­thwanga.

Uthe abakuzwile ngoMsimang­o wukuthi kumele bonke bathuthele­ke eThekwini ukuyobonan­a nobuholi obuphezulu ngale nkinga.

UMsimango uthe kuyiqiniso ukuthi umkhandlu awuzange usahlala ngenxa yezinkinga ezithile.

“Okunye kube ukuthi amakhansel­a abengaphel­ele okwenze isibalo sangahlang­ana ukuze umkhandlu ukwazi ukukhetha. Nokho sisazoqoqa wonke umbiko ukuze siwuhambis­e esigungwin­i esiphezulu ngakho konke okwenzekil­e,” kusho uMsimango.

Selokhu kuqale izinkinga eNdumeni abaholi be-IFP abaphezulu abamukelwa kahle njengoba bethukwa njalo uma befikile kanti bahamba bengasayif­isi indaba ngenxa yoqhekeko olunye oluyamanis­wa nengqungqu­thela kazwelonke egcine ihlehlile.

Lokhu sekube nomthelela kumasipala waseNdumen­i nowaseNqut­hu nakhona okuvela ukuthi akusebenze­ki ezikhulwin­i zakhona.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa