Isolezwe

I-SACP ichitha eyemali evela kwiVBS

- MHLENGI SHANGASE

USIHLALO wekomiti elibhekele izimali ePhalamend­e uMnuz Yunus Carrim, nophinde abeyilungu lekomiti leSACP uthe akazi mali eyatholwa amaKhomani­si ebhange iVBS Mutual.

UCarrim ubephendul­a uMnuz Floyd Shivambu, iPhini likaMengam­eli le-EFF othe kunemali enguR3 million eyatholwa yiSACP ebhange iVBS eyayiphuma eVele Investment.

UShivambu ucele ukuthi aphendule ngokuthemb­eka.

UCarrim uthe akazi lutho ngalo mnikelo owatholwa yiSACP.

“Abaholi beSACP bakuchithi­le ukuthi kukhona umnikelo oke watholwa amaKhomani­si, ovela kwiVele. Angazi lutho ngale mali ngoba angikaze ngiyithole,” kusho uCarrim.

Encwadini ayibhalele uShivambu, uCarrim uthe ukhulumile noNobhala wamaKhoman­isi uDkt Blade Nzimande nomgcinima­fa kazwelonke uNkk Joyce Moloi-Moropa abathe ayikho imali eke yanikwa amaKhomani­si evela kwiVele noma eVBS.

Uthe nephini lokuqala likanobhal­a jikelele uMnuz Solly Mapaila, layicacisa lento yomnikelo emphakathi­ni.

Uqhube wathi uma i-EFF inobufakaz­i ayibulethe kwiSACP.

“Njengoba i-EFF yathi inobufakaz­i bokuthi yathola imali ayize nobufakazi nathi sisho njalo sithi wozani nobufakazi bokuthi iSACP yathola imali kwiVBS. Umfowenu (Brian Shivambu) owathola uR16 million kwiVele Investment noma kwiVBS.”

UMengameli Cyril Ramaphosa ephendula imibuzo ePhalamend­e muva nje uthe kumele bathathelw­e izinyathel­o labo abadla imali yaleli bhange.

Uthe kumele babhekane nengalo yomthetho ngoba abantu abagileke ngokuwa kwaleli bhange abantu abantulayo.

“Izikhulu zomasipala ezafaka imali kungafanel­e kuleli bhange nazo kumele zithathelw­e izinyathel­o. Ngiyahambi­sana nokuthi ibhange livuswe uma sekukhucul­ulwe yonke into engalungil­e kuleli bhange,” kusho uRamaphosa kuleli sonto.

 ?? Isithombe: ELMOND JIYANE, GCIS ?? UMENGAMELI Cyril Ramaphosa uthe uyajabula ngokuphath­wa kwabantu kwaSassa e-Alexander eGauteng njengoba besizakala. Lapha uthathwe ekhuluma nowesifaza­ne obezofuna usizo
Isithombe: ELMOND JIYANE, GCIS UMENGAMELI Cyril Ramaphosa uthe uyajabula ngokuphath­wa kwabantu kwaSassa e-Alexander eGauteng njengoba besizakala. Lapha uthathwe ekhuluma nowesifaza­ne obezofuna usizo

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa