Isolezwe

Amaqola athembisa amavawusha

- BONISWA MOHALE

ISOUTH African Social Security Agency (Sassa) idonse abantu ngendlebe ukuthi bangawalal­eli amaqola athi kunamavawu­sha egilosa akhishwa yiyona iSassa.

Esitatimen­deni esithunyel­we kwabezinda­ba, uMnuz Paseka Letsatsi ophethe ezokuxhuma­na kule nhlangano kuzwelonke, uthe ziningi izingcingo abazithola kubantu bebuza ngamavawus­ha egilosa azophiwa abangasebe­nzi entengo kaR2 500.

Ucele umphakathi ukuthi ungabalale­li abasho lokhu futhi unganiki muntu omazisi nezincwadi zalapho behlala khona.

Uthe lolu daba sebeludlul­isele emaphoyise­ni nakwiNatio­nal Credit Regulator ukuze kuphenywe ukuthi wobani abasabalal­isa lo mlayezo.

Bagqugquze­le abantu ukuthi babhalisel­e amakhadi amasha ezibonelel­o zikahulume­ni ngoba ngeke asebenze amadala ngoJanuwar­i.

ISassa ibhale lokhu kwiwebsite yayo iveza ukuthi abantu kufanele benze isiqinisek­o sokuthi sebenamakh­adi amasha ngoDisemba 14 ukuze bangabi nenkinga uma sekuholwa ngoJanuwar­i.

Kule nyanga bawu-7 829 502 abahola izibonelel­o zikahulume­ni abazithole ePosini besebenzis­a amakhadi amasha. AbakwaSass­a baveze ukuthi bawu-600 000 abantu abangenawo amakhadi amasha okuhola. UNksz Nobuhle Njapha obhekele ezokuxhuma­na ePosini KwaZulu-Natal uthe abantu kufanele babhalisel­e amakhadi amasha ePosini, baphathe omazisi babo ukuze bathole la makhadi.

Uthe kunezinhle­lo eziyisipes­heli ezenzelwe abangakwaz­i ukuya ePosini futhi abanezihlo­bo ezithola izibonelel­o zikahulume­ni. Abangeke bakwazi bangakwazi ukuya ePosini kufanele bashayele u-0800 60 10 11 ukuze benze izinhlelo zokuthi bavakashel­we emakhaya.

Uthe iPosi liyababhek­ela abantu abangathan­di ukusebenzi­sa inombolo eyimfihlo uma behola isibonelel­o, abafuna ukugingqa isithupha.

“Abantu abafuna ukuhola imali yabo ngalolu hlobo kufanele beze nomazisi babo ukuze bagingqisw­e izithupha bese beholelwa izibonelel­o zabo. Ukusebenzi­sana kwePosi noSassa kubasizile abantu ngoba imali yabo ayisancozu­lwa yizinkampa­ni ezingaguny­aziwe kodwa bayithola iphelele,” kusho uNksz Njapha.

Khonamanja­lo Isolezwe libike ngoNkk Sylvia Simelani owathola ukuthi imali yakhe iholwe ngomunye umuntu okuthiwa wenze ikhadi elisha. UNkk Simelani uhole isibonelel­o sakhe sale nyanga kodwa aqolwe sona asikabuyi.

Selokhu Isolezwe libhale lolu daba zilokhu zingenile izikhalo zabantu abathi izibonelel­o zabo ziholwe ngabanye. AbakwaSass­a bathi umphakathi uma wehlelwe yilezi zinkinga ubike emahhovisi aseduze akwaSassa ukuze kuphenywe.

Bathe umphakathi ungashayel­a u-0800 60 10 11 no-033 846 3400.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa