Isolezwe

Luhamba kahle uphenyo ngeVBS

- BONISWA MOHALE

OKLEBE bathi luhamba kahle uphenyo lwabo ngokubhubh­udlwa kwemali eVBS njengoba sekuthathw­e izitatimen­de kofakazi abawu-65.

Lokhu kuvele ngesikhath­i oKlebe bevele ePhalamend­e ukuyokhulu­ma ngodaba lokubhubhu­dlwa kwemali kuleli bhange.

NgoLwesith­athu uMnuz Kuben Naidoo oyiPhini loMphathi weBhange loMbuso uveze ukuthi abantu ababetshal­e imali eVBS ngeke bayithole yonke imali yabo kodwa bazothola u-20 cents noma u-30 cents kwiRandi ababelifak­e kuleli bhange.

Bathe abathintek­ayo bangase babhekane namacala okushushum­bisa imali.

Umphathi woKlebe u-Adv Jeffrey Lebeya uthe udaba lweVBS luphenywa ngamaphoyi­sa awu-10 awongoti emacaleni athinta imali.

Inhloko yoKlebe esabambile, uDkt Silas Ramaite, ithe ijube abashushis­i abahlanu nezinye izikhulu zophiko olusebenza ngamacala emali (Asset Forfeiture Unit), kukhona nezikhulu zeFinancia­l Intelligen­ce Centre.

URamaite uveze ukuthi ngeke akwazi ukudalula abantu abazoshush­iswa okwamanje ngoba udaba lwaseVBS luwubugebe­ngu obudlula ukukhwaban­isa nokweba, lukhulu kakhulu.

Kuyimanje iBhange loMbuso lifake isicelo sokuthi kuvalwe iVBS ngoba ayinayo imali futhi aliboni ukuthi lingavuka uma lihlengwa. Isicelo sizolalelw­a ngoLwesibi­li. I-ANC ne-EFF bafuna kuhlelwe iVBS futhi i-ANC ithe ibheka abatshaliz­imali ngoba leli bhange belisiza umphakathi wasemakhay­a.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa