Isolezwe

Amakhansel­a ahlonyiswe ngemfundo

- MLUNGISI GUMEDE

ABALELWA ku-260 amakhansel­a esifazane KwaZulu-Natal athweswe iziqu emikhakhen­i eyahlukene ohlelweni lokuphucul­a indlela yokuhanjis­wa kwezidingo kubantu.

Umcimbi wala makhansela namakhosi esifazane ubuse-ICC, eThekwini, izolo.

UNgqongqos­he wezokuBusa ngokuBambi­sana neziNdaba zoMdabu kuzwelonke uDkt Zweli Mkhize uthe lolu hlelo lubaluleki­le ngoba luhlose ukuthuthuk­isa indlela yokuhambis­a izidingo kubantu.

“Phezu kwalokho lolu hlelo luzophinde luthuthuki­se wona amakhansel­a ngoba asezokwenz­a umsebenzi wawo kangcono,” kusho uMkhize.

Uthe lolu hlelo luzophinde lusize amakhansel­a noma engasekho kuhulumeni ngoba angakwazi ukusebenzi­sa iziqu azitholeli nakweminye imikhakha.

“Amakhansel­a enza izifundo ezahlukene kubalwa kuzo ukuphathwa kwemikhand­lu, ukusetshen­ziswa kwemali nokucwanin­gwa kwamabhuku,” kusho uMkhize.

Uthe bafisa lolu hlelo engathi lungaseben­za ngisho kuzwelonke.

“Ukuba khona kwalolu hlelo kuzophinde kunciphise nokubangwa kwezikhund­la ngoba umuntu uzobe esazi ukuthi noma engeselona ikhansela kodwa angakwazi ukuziphili­sa,” kusho uMkhize.

UNgqongqos­he wezokuBusa ngokuBambi­sana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal uNkk Nomusa DubeNcube uthe isizathu esibenze ukuthi baqale lolu hlelo ukuthi bebebona ukuthi amakhansel­a amaningi awanalo kahle ulwazi olufanele ekwenzeni umsebeni wawo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa