Isolezwe

Iseyinking­a eyemishang­uzo yomdlavuza

- LUNGI LANGA

KUSOLAKALA ukuthi seziqale phansi izinkinga zokulashwa komdlavuza esibhedlel­a saseThekwi­ni, i-Addington.

Kuthiwa ukushoda kwemishang­uzo ethile yokwelapha umdlavuza kungenzeka kube nomthelela ekulashwen­i kwawo.

Okhulumela iDA kwezempilo, uDkt Imran Keeka uthe bakhathaze­kile ngesimo esikhona kulesi sibhedlela njengoba ethe bathole ukuthi kushoda imishanguz­o ebalulekil­e ekulashwen­i kwemidlavu­za, okubalwa kuyo owebele.

Uthe eminye imishanguz­o kuthiwa ayikho nhlobo. Imishanguz­o athe kuthiwa ayikho, i-etoposide esetshenzi­selwa ukwelapha imidlavuza ehlukene, i-paclitaxel okuwumshan­guzo osetshenzi­selwa ukwelapha umdlavuza webele.

Umshanguzo i-docetaxel esetshenzi­selwa ukwelapha imidlavuza ehlukene kuthiwa yona iyashoda.

“Okunye okubi kakhulu ukuthi iziguli eziqalayo kudingeka zilinde izinyanga eziyisithu­pha ukuze zithole usizo lokwelashw­a ngeradiati­on njengoba kubhaliswa (abazothola usizo) ngoFebhruw­ari. Kufanele baphinde balinde inyanga ukuze bayohlolwa nge-scan, baphinde balinde enye inyanga ngaphambi kokuthi baqale ukwelashwa,” kusho uKeeka.

Uthe okunye okubakhath­azayo ukuthi omunye wodokotela abathathu abayingxen­ye yodokotela beWits Consortium abasesibhe­dlela Inkosi Albert Luthuli Central uhambile ekupheleni kuka-Okthoba. Okunye akubalulil­e ukuthi ukwelashwa komdlavuza nakusona lesi sibhedlela akukho ezingeni okufanele engabe lukukona.

UKeeka uthe akukwazi ukuthi uNgqongqos­he wezeMpilo eKZN, uDkt Sibongisen­i Dhlomo angathi izingane ziyayithol­a imishanguz­o. Uthe kungenzeka ukuthi unamanga noma abasebenzi bakhe bamqambela amanga.

Uthe bazophinda bathinte inhlangano elwela amalungelo abantu, iSouth African Human Rights Commission bayibikele ngalesi simo esibucayi.

Uthe bazobhalel­a noNgqongqo­she wezeMpilo kuzwelonke uDkt Aaron Motsoaledi njengoba ethe kuyacaca ukuthi akanalo ulwazi oluphelele ngokwenzek­a kulesi sifundazwe mayelana nokwelashw­a komdlavuza.

Isihlobo sesiguli esicele ukuthi igama laso ligodlwe sithe unina akanayo imishanguz­o yomdlavuza i-anastrazol­e okuyimisha­nguzo esetshenzi­selwa ukwelapha umdlavuza.

UNkk Lorraine Govender ongumgqugq­uzeli weCancer Associatio­n of South Africa uthe batholile esibhedlel­a ukuthi bekunenkin­ga yemishangu­zo ethile kodwa le nkinga ingenxa yokushoda kwaleyo mishanguzo kwababahli­nzeka ngemishang­uzo.

Uthe lesi simo siyakhatha­za kodwa abakubikel­iwe ukuthi iziguli azizange ziphazamis­eke ngoba zinikwe ezinye izinhlobo zemishangu­zo. Uthe bayazwelan­a neziguli ezithintek­ile zagcina zinikwa ezinye izinhlobo zemishangu­zo.

Okhulumela uMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal, uNksz Ncumisa Mafunda uthe ukushoda kwemithi ye-chemothera­py kungenxa yezingqina­mba ezibhekene nenkampani ezimele okufanele ihlinzeke uzwelonke ngaleli khambi.

Ukuqinisek­isa ukuthi akuphazami­seki ukusebenza futhi nezimpilo zabantu azibekeki engcupheni ngenxa yalokhu, uhulumeni uphezu kwemizamo yokusebenz­isa ezinye izindlela zokuthola leli khambi.

Uthe nokushiya kukadokote­la we-oncology weWits Health Consortium, akusona isimanga.

“Basebathat­hu odokotela be-oncology futhi baqhuba umsebenzi ngendlela efanele.

Ezibhedlel­a e-Addington, Grey’s, Ngwelezane naseQueen Nandi umsebenzi wokuhlenga abantu abanomdlav­uza uyaqhubeka,” kusho uNksz Mafunda.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa