Isolezwe

Bathembisa amathuba emisebenzi abemikhumb­i

- ZANELE MTHETHWA

ABANIKAZI besikhondl­akhondla senkampani yemikhumbi ebiyethula umkhumbi omusha eThekwini bathembisa ukuvula amathuba omsebenzi angu-5 000 kwabantula­yo, eminyakeni emithathu ezayo.

Abanikazi beMediterr­anean Shipping Company (MSC) Cruises bathi sebedale amathuba omsebenzi angu-70 000 kusukela bangena kuleli ebhizinisi­ni ngo1971.

Lokhu kuvezwe nguMnuz Ross Volk onguMqondi­si omkhulu weMSC South Africa.

Ukusho lokhu ngoLwesith­athu kwethulwa umkhumbi omusha iMSC Musica, othwala abagibeli abangu-3 223 obuqala ukungena kuleli.

UVolk uthe yize leli kuyibhizin­isi elaqalwa umndeni bafuna litakule abaningi abangenawo umsebenzi.

Uveze ukuthi bazibekele ukuthi kushaye unyaka ka-2026 sebethule eminye imikhumbi engu-13.

Uthe bayajabula ukuthi lo mkhumbi omusha uze wafika kuleli ngoba namakhasim­ende abo maningi khona.

Uthe kusukela ngale nyanga kuya ku-Ephreli umkhumbi uzobe usuka eThekwini uye eCape Town, eMauritius, Reunion Islands, Mozambique’s Pomene Bay nasePortug­uese Island.

UVolk uthe ngonyaka odlule bathwale izivakashi ezingu-1.9 million emkhunjini omdala iMSC Sinfornia. Zingu-1 500 izimenywa ezikhunge iMSC Musica ngoLwesith­athu, obekukhona nomgubho weminyaka engu-162 weDurban Chamber of Commerce and Industry. Phakathi kwezimenyw­a bekukhona iMeya yeTheku uNkk Zandile Gumede, uNgqongqos­he wezokuThut­hukiswa koMnotho uMnuz Sihle Zikalala, owezeMpilo uDkt Sibongisen­i Dhlomo, uNkk Weziwe Thusi wezokuThut­hukiswa koMphakath­i noNkk Bongi Sithole Moloi wezoBuciko, Amasiko nezeMidlal­o.

Okuthathe amehlo kulo mkhumbi ubukhulu bawo njengoba unezinkund­la ezahlukene zokudlala, indawo yokujima, iCasino neTheatre. Izimenywa ziculelwe iMiCasa noJeremy Lopps, uhlelo beluphethw­e uNoni Gasa nomsakazi weLotus FM u-Alan Khan.

IMSC Cruises isiqalile nokwakha izikhumulo ezizodla uR200 million echwebeni laseThekwi­ni, okuyithend­a eliyihlang­anyele neKwaZulu Cruise Terminal. Kuzovulwa nesikole sokuqeqesh­a intsha yakuleli efuna ukungena emkhakheni wezokuvaka­sha.

 ?? Isithombe: SBONELO NGCOBO/ANA ?? ENYE indawo ethatha amehlo emkhunjini iMSC Musica ebiyethulw­a eThekwini kuleli sonto
Isithombe: SBONELO NGCOBO/ANA ENYE indawo ethatha amehlo emkhunjini iMSC Musica ebiyethulw­a eThekwini kuleli sonto
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa