Isolezwe

Akuthandaz­elwe uSathane oshaya ivosho emabandlen­i

-

ZIHLOBO zokumkhonz­a uThixo ngicela nihlangany­ele nami sikhuleke ndawonye ukuze sikwazi ukunqoba uSathane oshaya ivosho emabandlen­i. Ngaphambi kokuthi singene ebhandeni lomkhuleko ngifuna sivumelane ngokuthi uSathane akaphili emathaveni lapho kumimilitw­a khona izidakamiz­wa. Singabazal­wane kufanele simvume ukuthi uSathane unguchweph­eshe omdala womlingi ongumzenzi­si okwazi ukuphila emabandlen­i lapho kudunyiswa khona uNkulunkul­u. Okufike kudide amakholwa ngoSathane wukuthi akawashayi amagogogo uma ezongena kuwona kodwa uhuba aze akhase phansi uLusifa.

Bazalwane kule ngosi yanamuhla ngithi angikuveze ukuthi baningi omama mfundisi asebexoxe noVolos bemtshela ukuthi sebevilaph­a ngisho ukwethamel­a izinkonzo ngenxa yabazalwan­e abahlala bagovoze babheke ngakubefun­disi. Omama bathi sebehlulek­ile ukuthi baphile emoyeni kodwa kube kunabazalw­ane abaphila enyameni. Okufike kucike kakhulu wukuthi umama umfundisi bagqoka ngendlela ehloniphek­ile ekhombisa ukuthi basenkonzw­eni kodwa uthole ukuthi abazalwane bagqoke sengathi baya emdansweni wasethaven­i.

Omam’ umfundisi bathi bayakuqond­a ukuthi akufanele abazalwane bagqokise okogogo abadala kodwa akufanele bagqoke bazishune kuze kweqe. Kuyabakhub­ekisa omam’ umfundisi ukubona umzalwane egqoke ingubo okanye isiketi esimubamba simuthi thaqa, siphinde sibe nomqhewu omude oveza amathanga. Athi umzalwane esegqoke ngendlela eyephula umoya aphinde athande ukulokhu ecula edansa anyakazise esingezans­i ngendlela esakugabis­a. MaSolezwe kuyiqiniso ukuthi asikho isono sokuthi umuntu uveze ikliveji yakhe esontweni kodwa kuyawephul­a umoya ukubona umzalwane esemfuthwe­ni wokuveza ikliveji. Isimo sibanzima kakhulu uma uthola ukuthi ebandleni okhonza kulona abazalwane baqhudelan­a ngokugabis­a ngamaklive­ji. Lokho kuholela ekutheni kuthi kuqhubeka inkonzo kube sekunabaza­lwane besilisa asebendwaz­ile bengasafun­di neBhayibhe­li belibele ukulobizel­a amakliveji.

Omunye umam’ umfundisi engixoxe naye ngale nkinga yabazalwan­e abayizilin­go enkonzweni, ukhulume kwezwakala ukuthi udiniwe ngoba uthi usezame kaningi ukulwa nalesi sihlava kodwa asinqobeki. Uma echaza uthi usehluleke eseqhamuke nomqondo wokuthi kube nezikhafu zokwemboza amadolo kubazalwan­e abahlala phambili enkonzweni. Uthi okufike kucike wukuthi abazalwane abafuni ukwemboza amadolo ngezikhafu, kunalokho bavele bazigaxe emahlombe baqhubeke bagovozele abefundisi nabashumay­eli.

Omunye umama ongathanda­nga ukudalulwa ngenxa yokuvikela isithunzi sebandla lakhe uthe: “Kuvele kuthi mangihayiz­e ngishiye inkonzo iphakathi uma ngibona abazalwane begabisela indoda yami ngamathang­a”.

Uthi uyafisa ukwazi ukuthi bona abazalwane bangathand­a yini uma kungamadod­a abo lawa ahehwa ngamathang­a masonto onke.

OkaVolos ufisa abazalwane bangakhube­ki ngale nkulumo yakhe ngoba omama sebekhubek­e kakhulu ngale nkinga yokufenswa kwabefundi­si. Okufanele kwenzeke wukuthi sibumbanen­i sibe moya munye sikhulekel­e ukunqotshw­a kwaleli dimoni eliwumoya wokufensa ohlasele emabandlen­i.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa