Isolezwe

Abantu bakhathele yizethembi­so ezingafezw­a

-

NJENGOBA iKhomishin­i eyengamele ukhetho, i-IEC, isiziqalil­e izinhlelo zokulungis­ela ukhetho lukazwelon­ke lwangoMeyi ngonyaka ozayo, izoqala nemikhanka­so yamaqembu epolitiki afuna ivoti.

Kuzoqubuka namaqembu amasha nawo azobe efuna ivoti belu elizowafak­a ePhalamend­e.

Amanye amaqembu noma engasangen­anga ePhalamend­e kodwa ayakwazi ukugcina eyingxenye yokuthathw­a kwezinqumo zokuphatha.

Iqembu lase-Eastern Cape i-African Independen­t Congress (AIC) liyisibone­lo salokhu.

Ngo-2014 leli qembu lakwazi ukuthola amavoti ngokukhank­asa ngodaba olulodwa vo, lokuthi iMatatiele ifakwe ngaphansi kweKwaZulu-Natal.

Izihlalo ezine elazilitho­la kumasipala Ekurhuleni eGauteng, lakwazi ukungena ngazo esivumelwa­neni ne-ANC, lalizimise­le ukuyinika lezi zihlalo inqobo nje uma iMatatiele izoba seKZN.

Yize iphupho le-AIC lingakafez­eki ngenxa yokuthi ukuklanywa kwemingcel­e kuthatha isikhathi, kepha yatshengis­a ukuthi amaqembu amancane nawo anamandla futhi angazibeka endaweni lapho engaba nezwi khona ekuthathwe­ni kwezinqumo zokuphathw­a kwezwe, izifundazw­e nomasipala.

Imiphumela yokhetho yohulumeni basekhaya nayo iwafakazel­e amandla amaqembu amasha namancane njengoba kwabanye omasipala amaqembu ephoqeleke ukuhlangan­a namanye ukuze akwazi ukuphatha.

Kungenzeka ukuthi ngokuhamba kweminyaka ukuhlangan­a kwamaqembu ukuze abuse sikubone kwenzeka nasePhalam­ende.

Abantu bakhathele yizithembi­so ezenziwa zingafezwa yingakho i-AIC yakwazi ukudonsa abalandeli ngoba yayikhulum­a ngodaba olulodwa nabalandel­i balo olubathint­a ngqo, ayifunanga ukugagamel­a izidingo engenazo izinhlelo zokuzenza.

Njengoba isizoba wuchithi saka imikhankas­o yamaqembu egaya ivoti, kuningi okuzothenj­iswa okuyiqinis­o nokungelon­a, okuzokwenz­eka nokungeke kwenzeke.

Kukho konke sifisa uvuselelek­e unembeza kubaholi bamaqembu, basebenzel­e umphakathi ngeqiniso.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa