Abantu bakhathele yizethembiso ezingafezwa
NJENGOBA iKhomishini eyengamele ukhetho, i-IEC, isiziqalile izinhlelo zokulungisela ukhetho lukazwelonke lwangoMeyi ngonyaka ozayo, izoqala nemikhankaso yamaqembu epolitiki afuna ivoti.
Kuzoqubuka namaqembu amasha nawo azobe efuna ivoti belu elizowafaka ePhalamende.
Amanye amaqembu noma engasangenanga ePhalamende kodwa ayakwazi ukugcina eyingxenye yokuthathwa kwezinqumo zokuphatha.
Iqembu lase-Eastern Cape i-African Independent Congress (AIC) liyisibonelo salokhu.
Ngo-2014 leli qembu lakwazi ukuthola amavoti ngokukhankasa ngodaba olulodwa vo, lokuthi iMatatiele ifakwe ngaphansi kweKwaZulu-Natal.
Izihlalo ezine elazilithola kumasipala Ekurhuleni eGauteng, lakwazi ukungena ngazo esivumelwaneni ne-ANC, lalizimisele ukuyinika lezi zihlalo inqobo nje uma iMatatiele izoba seKZN.
Yize iphupho le-AIC lingakafezeki ngenxa yokuthi ukuklanywa kwemingcele kuthatha isikhathi, kepha yatshengisa ukuthi amaqembu amancane nawo anamandla futhi angazibeka endaweni lapho engaba nezwi khona ekuthathweni kwezinqumo zokuphathwa kwezwe, izifundazwe nomasipala.
Imiphumela yokhetho yohulumeni basekhaya nayo iwafakazele amandla amaqembu amasha namancane njengoba kwabanye omasipala amaqembu ephoqeleke ukuhlangana namanye ukuze akwazi ukuphatha.
Kungenzeka ukuthi ngokuhamba kweminyaka ukuhlangana kwamaqembu ukuze abuse sikubone kwenzeka nasePhalamende.
Abantu bakhathele yizithembiso ezenziwa zingafezwa yingakho i-AIC yakwazi ukudonsa abalandeli ngoba yayikhuluma ngodaba olulodwa nabalandeli balo olubathinta ngqo, ayifunanga ukugagamela izidingo engenazo izinhlelo zokuzenza.
Njengoba isizoba wuchithi saka imikhankaso yamaqembu egaya ivoti, kuningi okuzothenjiswa okuyiqiniso nokungelona, okuzokwenzeka nokungeke kwenzeke.
Kukho konke sifisa uvuseleleke unembeza kubaholi bamaqembu, basebenzele umphakathi ngeqiniso.