Abagezwe amanxeba abashona ngodlame
MHLELI: Akulula ukuthi amagqubu nokuphindisela kuphele ekubeni kulo mhlaba kusagcwele abafelokazi nezintandane. Lokhu ngikususela ekutheni kwake kwaba nempi phakathi kwe-IFP ne-ANC. Lokho kungqubuzana kwabizwa ngokuthi udlame lomnyama komnyama. Mhlawumbe abaningi bazothi ukushayisana kwe-IFP ne-ANC kuqale ngesikhathi kukhululwa ongasekho, ubaba uNelson Mandela, ejele ngo-11 Febhuwari 1990 kanti akunjalo.
Ngaleso sikhathi kwakungqubuzana i-UDF eyayiholwa nguMnuz Archie Gumede ongasekho ne-IFP. Selokhu yasungulwa i-UDF ekuqaleni kweminyaka yo-1980 yayidlelana ne-ANC ngesikhathi isavalwe ummlomo wuhulumeni wobandlululo.
Imizi yabanumzane yasha ubuhanguhangu yaba yimilotha, kwanda abafelokazi nezintandane kwadukelana izihlobo. Namanje lawo manxeba awakapholi. Udlame lwagcina selusetshenziswa kabi kangangokuthi ngisho isitha sakho sasimane sikusasazele sithi uyiqabane okukanye kuthiwe unguklova. Lokho kwakuncikiswa kakhulukazi nokuthi kuphethe liphi iqembu lapho. Angithi kwasekuqanjwe izindawo ngokuthi ngo-alubhadwa.
Emva kokuba sesidlulile okhethweni luka-1994, umengameli wokuqala wentando yabantu uMadiba wasungula iKhomishini yamaQiniso nokuBuyisana. Nayo yawenza umsebenzi ngoba bavela abavelayo bawaphalaza amaqiniso.
Ngaphambi kokuya okhethweni ngo-1994 kwafa abantu nxazonke. EShobashobane kwabhujwa, lokho kwaduma umhlaba wonke. Kwenzeka futhi eBoipatong. Sithe sisanake lokho kwenzeka futhi eShell House kwafa amaZulu iningi lawo kungabalandeli be-IFP kwangaduma kakhulu kwanyathelwa.
Ngithi bakithi akukhathalekile ukuthi ngobani abafelwa kakhulu, nokuthi ngobani ababa nephutha kodwa ukufa kwabantu bakaNkulunkulu kubi ngoba yizidalwa zakhe. Ukusolana nokugxekana ngeke kusasiza ngalutho bantu bakaNkulunkulu.
Mina ngikholelwa ekutheni imiphefumulo yabo iyantunta emoyeni ngoba bahamba kabuhlungu. Abaholi bepolitiki, abendabuko, abezenkolo ngibabona bengayinaki indaba yokuthi bakhunjulwe abantu abashona. Ngokwesintu bekuthi uma impi ikade iphumilie iphakulwe komkhulu yelashwe kugezwe amanxeba namaqunga ukuze abasale emzileni bangahluphi.
Uma sicabanga sizitshela ukuthi imiphefumulo yabo ihleli ngokuthula lapho ikhona? Mina waseMaphephetheni ngithi lutho akunjalo iyantunta. Baqinisile uma bethi isambane siyawumba umgodi kodwa singawulali. Lokho ngikusho ngoba izingane zalabo ababesekhaleni lempi namhlanje kaziyilutho futhi kazinakiwe. Kunalokho kudla ezabathize.
Mina ngendlela engibona ngayo uhulumeni makahlangane nabaholi bendabuko kudingidwe udaba lokuthi kumele bakhunjulwe laba bantu ngendlela yesintu ukuze bagezwe amanxeba. Yisemkhulu Nzimande. EPORT SHEPTONE