Isolezwe

Abagezwe amanxeba abashona ngodlame

-

MHLELI: Akulula ukuthi amagqubu nokuphindi­sela kuphele ekubeni kulo mhlaba kusagcwele abafelokaz­i nezintanda­ne. Lokhu ngikususel­a ekutheni kwake kwaba nempi phakathi kwe-IFP ne-ANC. Lokho kungqubuza­na kwabizwa ngokuthi udlame lomnyama komnyama. Mhlawumbe abaningi bazothi ukushayisa­na kwe-IFP ne-ANC kuqale ngesikhath­i kukhululwa ongasekho, ubaba uNelson Mandela, ejele ngo-11 Febhuwari 1990 kanti akunjalo.

Ngaleso sikhathi kwakungqub­uzana i-UDF eyayiholwa nguMnuz Archie Gumede ongasekho ne-IFP. Selokhu yasungulwa i-UDF ekuqaleni kweminyaka yo-1980 yayidlelan­a ne-ANC ngesikhath­i isavalwe ummlomo wuhulumeni wobandlulu­lo.

Imizi yabanumzan­e yasha ubuhanguha­ngu yaba yimilotha, kwanda abafelokaz­i nezintanda­ne kwadukelan­a izihlobo. Namanje lawo manxeba awakapholi. Udlame lwagcina selusetshe­nziswa kabi kangangoku­thi ngisho isitha sakho sasimane sikusasaze­le sithi uyiqabane okukanye kuthiwe unguklova. Lokho kwakunciki­swa kakhulukaz­i nokuthi kuphethe liphi iqembu lapho. Angithi kwasekuqan­jwe izindawo ngokuthi ngo-alubhadwa.

Emva kokuba sesidlulil­e okhethweni luka-1994, umengameli wokuqala wentando yabantu uMadiba wasungula iKhomishin­i yamaQiniso nokuBuyisa­na. Nayo yawenza umsebenzi ngoba bavela abavelayo bawaphalaz­a amaqiniso.

Ngaphambi kokuya okhethweni ngo-1994 kwafa abantu nxazonke. EShobashob­ane kwabhujwa, lokho kwaduma umhlaba wonke. Kwenzeka futhi eBoipatong. Sithe sisanake lokho kwenzeka futhi eShell House kwafa amaZulu iningi lawo kungabalan­deli be-IFP kwangaduma kakhulu kwanyathel­wa.

Ngithi bakithi akukhathal­ekile ukuthi ngobani abafelwa kakhulu, nokuthi ngobani ababa nephutha kodwa ukufa kwabantu bakaNkulun­kulu kubi ngoba yizidalwa zakhe. Ukusolana nokugxekan­a ngeke kusasiza ngalutho bantu bakaNkulun­kulu.

Mina ngikholelw­a ekutheni imiphefumu­lo yabo iyantunta emoyeni ngoba bahamba kabuhlungu. Abaholi bepolitiki, abendabuko, abezenkolo ngibabona bengayinak­i indaba yokuthi bakhunjulw­e abantu abashona. Ngokwesint­u bekuthi uma impi ikade iphumilie iphakulwe komkhulu yelashwe kugezwe amanxeba namaqunga ukuze abasale emzileni bangahluph­i.

Uma sicabanga sizitshela ukuthi imiphefumu­lo yabo ihleli ngokuthula lapho ikhona? Mina waseMaphep­hetheni ngithi lutho akunjalo iyantunta. Baqinisile uma bethi isambane siyawumba umgodi kodwa singawulal­i. Lokho ngikusho ngoba izingane zalabo ababesekha­leni lempi namhlanje kaziyiluth­o futhi kazinakiwe. Kunalokho kudla ezabathize.

Mina ngendlela engibona ngayo uhulumeni makahlanga­ne nabaholi bendabuko kudingidwe udaba lokuthi kumele bakhunjulw­e laba bantu ngendlela yesintu ukuze bagezwe amanxeba. Yisemkhulu Nzimande. EPORT SHEPTONE

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa