Isolezwe

Owezemfund­o udinga izigidigid­i zokwakha izindlu zangasese

- MHLENGI SHANGASE

UDINGA uR7 billion uMnyango weMfundo eyisiSekel­o kuleli ukuze uhlinzeke ngezindlu zangasese kubafundi ezikoleni njengoba kunezikole ezisaseben­zisa awomgodi.

Le mali idingeka ngoba ekupheleni konyaka wezimali u-2019/2020 kumele zibe zingasekho izindlu zangasese ezingumgod­i.

Lokhu kuvele ngesikhath­i umnyango uvele phambi kwekomiti lezamanzi nokuhanjis­wa kwendle nekomiti lemfundo eyisisekel­o.

UMengameli Cyril Ramaphosa wayalela uNgqongqos­he walo Mnyango uNkk Angie Motshekga ukuthi enze ucwaningo lezikole ezingenazo izindlu zangasese ezisaseben­zisa imigodi. UMnuz Solly Mafoko, obhekele ingqalasiz­inda emnyangwen­i, uthe zingu6 938 izikole zikahulume­ni kwezingu-23 334 ezisebenzi­sa izindlu zangasese zemigodi.

Uthe iningi lazo ezamabanga aphansi nezabakhub­azekile.

Uthe izifundazw­e iKwaZulu-Natal ne-Eastern Cape kanjalo neLimpopo yizona ezinezikol­e eziningi ezinezindl­u zangasese zomgodi.

UMafoko uthe kuzodingek­a ukuthi bafune imali kumgcinima­fa wathi kunomhlang­ano ohlelelwe isonto elizayo ukuze kubhekwe indaba yesabelo sokuhlinze­ka ngezindlu zangasese.

Uthe kulo nyaka wezimali banezinhle­lo ezingu-949 zokuhlinze­ka ngezindlu zangasese wathi ezingu-632 sebeziphot­hulile, ezingu-249 zazo ziseLimpop­o. E-Eastern Cape zingu-182 kuthi kulesi sifundazwe zibe ngu-108.

Kwenzeka lokhu nje ngeledlule iNkantolo yoMthethos­isekelo ichithe umnyango ecaleni elithinta ukuhlangab­ezana nemibandel­a eyabekwa ngumnyango mayelana nokuhlinze­kwa kwengqalas­izinda ezikoleni zakuleli.

I-Equal Education yayisa umnyango enkantolo ifuna uhlangabez­ane nombandela owazibekel­a wona wokuthi uzohlinzek­a ngengqalas­izinda ezikoleni. Umnyango wakhala ngokuthi awukwazi ukuthi ungahlinze­ka ngayo yonke ingqalasiz­inda njengoba ugesi uhlinzekwa ngu-Eskom hhayi umnyango.

USihlalo wekomiti lezemfundo ePhalamend­e, uNkk Nomalungel­o Gina, uthe izikole eziningi emalokishi­ni nasezindaw­eni zasemakhay­a yizona ezibhekene nenkinga yezindlu zangasese zomgodi.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa