I-IFP iguqise izimbangi ehlalankosi

Isolezwe - - IZINDABA - MLUNGISI GUMEDE

I-IFP izidlele amahlanga iguqisa izimbangi zayo okhethweni lokuchibiyela obelubhekwe ngabomvu ku-ward 20, KwaNongoma ngoLwesithathu.

I-IFP ithole amavoti angu-1113, yalandelwa i-ANC ngo-746, kwaba iNFP ngamavoti angu-416, i-EFF yathola u-99, obengenele ukhetho ngokuzimela wathola angu-15.

USihlalo we-IFP kuzwelonke uMnuz Blessed Gwala uthe:“Sibonga abantu baKwaNongoma ngokusethemba ngevoti labo ukuze sikwazi ukubuyisa i-ward yethu.”

Le ward isale ingenamholi ngemuva kokuthi ikhansela lendawo uZamani Sibiya ligwetshwe iminyaka eyisithupha ngecala lokweba imfuyo. UGwala uthe nasokhethweni lokuchibiyela obelukuward 9, eMgungundlovu benze kahle kakhulu yize benganqobanga.

“Siyafisa nokubonga abantu baseMgungundlovu ngoba izibalo zethu zamanje zinyuke kakhulu uma ziqhathaniswa nezokhetho lohulumeni basekhaya ngo-2016,” kusho uGwala.

“Okhethweni lokuchibiyela ku-ward 20, eMgungundlovu kuphumelele i-ANC ngo-52.57%.

Okhulumela i-ANC KwaZulu-Natal, uNkk Nomagugu Simelane-Zulu, uthe babonga amavolontiya abo ngokusebenza kanzima kulolu khetho. “Noma singaphumelelanga KwaNongoma kodwa siyajabula ukuthi ivoti lethu linyukile,” kusho uNkk Simelane-Zulu.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.