Bathembisa amathuba emisebenzi abemikhumbi
ABANIKAZI besikhondlakhondla senkampani yemikhumbi ebiyethula umkhumbi omusha eThekwini bathembisa ukuvula amathuba omsebenzi angu-5 000 kwabantulayo, eminyakeni emithathu ezayo.
Abanikazi beMediterranean Shipping Company (MSC) Cruises bathi sebedale amathuba omsebenzi angu-70 000 kusukela bangena kuleli ebhizinisini ngo1971.
Lokhu kuvezwe nguMnuz Ross Volk onguMqondisi omkhulu weMSC South Africa.
Ukusho lokhu ngoLwesithathu kwethulwa umkhumbi omusha iMSC Musica, othwala abagibeli abangu-3 223 obuqala ukungena kuleli.
UVolk uthe yize leli kuyibhizinisi elaqalwa umndeni bafuna litakule abaningi abangenawo umsebenzi.
Uveze ukuthi bazibekele ukuthi kushaye unyaka ka-2026 sebethule eminye imikhumbi engu-13.
Uthe bayajabula ukuthi lo mkhumbi omusha uze wafika kuleli ngoba namakhasimende abo maningi khona.
Uthe kusukela ngale nyanga kuya ku-Ephreli umkhumbi uzobe usuka eThekwini uye eCape Town, eMauritius, Reunion Islands, Mozambique’s Pomene Bay nasePortuguese Island.
UVolk uthe ngonyaka odlule bathwale izivakashi ezingu-1.9 million emkhunjini omdala iMSC Sinfornia. Zingu-1 500 izimenywa ezikhunge iMSC Musica ngoLwesithathu, obekukhona nomgubho weminyaka engu-162 weDurban Chamber of Commerce and Industry. Phakathi kwezimenywa bekukhona iMeya yeTheku uNkk Zandile Gumede, uNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMnotho uMnuz Sihle Zikalala, owezeMpilo uDkt Sibongiseni Dhlomo, uNkk Weziwe Thusi wezokuThuthukiswa koMphakathi noNkk Bongi Sithole Moloi wezoBuciko, Amasiko nezeMidlalo.
Okuthathe amehlo kulo mkhumbi ubukhulu bawo njengoba unezinkundla ezahlukene zokudlala, indawo yokujima, iCasino neTheatre. Izimenywa ziculelwe iMiCasa noJeremy Lopps, uhlelo beluphethwe uNoni Gasa nomsakazi weLotus FM u-Alan Khan.
IMSC Cruises isiqalile nokwakha izikhumulo ezizodla uR200 million echwebeni laseThekwini, okuyithenda eliyihlanganyele neKwaZulu Cruise Terminal. Kuzovulwa nesikole sokuqeqesha intsha yakuleli efuna ukungena emkhakheni wezokuvakasha.