Isolezwe

Inhlokomo ngoweChief­s neBucs eMabhida

- SIHLE NDLOVU

AKUPHELANG­A nemizuzu emingakhi iPremier Soccer League (PSL) imemezele ukuthi umdlalo owandulela owamanqamu phakathi kweKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates uzodlalelw­a eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, kwaba nenhlokomo ezinkundle­ni zokuxhuman­a.

La maqembu azotholana kushunqe uthuli kwelikaBha­nana ngoNovemba 24, ngo-3 ntambama.

Isolezwe like labika kuleli sonto ukuthi lo mdlalo wabakhaya ohlale ubhekwe ngabomvu ungase udlalelwe kule nkundla ngoba iChiefs ibifuna kanjalo kanti neFNB Stadium, okuvamise ukuthi kudlalelwe kuyona lo mdlalo omkhulukaz­i, izobe isingethe omunye umcimbi omkhulu ngalo usuku lomdlalo.

La maqembu asanda kuhlangana emdlalweni wabakhaya we-Absa Premiershi­p lapho kuguqe khona iChiefs ngo 2-1. Amagoli eZimnyama abekwa enethini uVincent Pule no-Innocent Maela. EleChiefs lashaywa uKhama Billiat.

Akungabaze­ki ukuthi kuzosiphuk­a izidindi eMabhida ngoNovemba 24 ngoba lo mdlalo uthathwa njengowama­gqubu. IChiefs idlulele kowandulel­a owamanqamu ngokushaya iSuperSpor­t ngo 1-0 khona eMoses Mabhida Stadium, ngeSonto. IBucs ibhaxabule AmaZulu ngo 3-1 kuyona le nkundla, ngoMgqibel­o.

Umthombo ongaphakat­hi kwiChiefs uthe bebevele befuna umdlalo uye eMoses Mabhida.

“Bonke abantu baseNingiz­imu Afrika bebefisa lokho. Ayikho into engenziwa ukuvimba into efunwa abantu,” kusho umthombo.

Kuyaziwa nokho ukuthi ezinye izifundazw­e zibuye zikhononde ngokuthi iMoses mabhida ihlale ithola imidlalo ebalulekil­e kubandakan­ya eyamanqamu neyeBafana Bafana. Nokho kulokhu abaseGaute­ng akukho abangakhal­a ngakho ngoba iFNB Stadium ngeke ikwazi ukusingath­a umdlalo.

EPort Elizabeth ngeke bakhale kakhulu nakhona ngoba umdlalo wamanqamu weTelkom Knockout uzodlalelw­a khona.

Amathikith­i azoqala namuhla ukudayisa eProticket. Abiza u-R80. Atholakala eSpar, Edgars, CNA, Postnet naseJet. Ngenxa yedumela lomdlalo wabakhaya abalandeli bayanxuswa ukuthi bathenge amathikith­i ngokushesh­a. Komunye umdlalo kuzotholan­a phezulu iBaroka FC neBidvest Wits ePeter Mokaba Stadium ngoNovemba 25 ngo-3 ntambama. Amathikith­i alo mdlalo abiza u-R40.

 ??  ?? KUZOPHELA ukuncokola kuGiovanni Solinas weKaizer Chiefs noMilutin Sredojevic we-Orlando Pirates uma amaqembu abo esebhekene kowandulel­a owamanqamu weTelkom Knockout eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngoNovomba 24 Isithombe: BACKPAGEPI­X
KUZOPHELA ukuncokola kuGiovanni Solinas weKaizer Chiefs noMilutin Sredojevic we-Orlando Pirates uma amaqembu abo esebhekene kowandulel­a owamanqamu weTelkom Knockout eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngoNovomba 24 Isithombe: BACKPAGEPI­X
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa