Isolezwe

Ayishintsh­e isitayela iDowns: Brockie

- ZAKHELE XABA

UMGADLI weMamelodi Sundowns, uJeremy Brockie, ufisa iqembu lishintshe indlela elidlala ngayo ukuze ivumelane nesitayela sakhe emidlalwen­i asuke edlala kuyo.

UBrockie ushaye igoli lokuqala emdlalweni osemthethw­eni selokhu esayine kwiSundown­s ngesikhath­i iqembu lihlula iFree State Stars ngo 3-1 kowe-Absa Premiershi­p ngoLwesith­athu ebusuku eLoftus Versefeld, ePitoli.

Ubekade eseqede unyaka nenyanga agcina ukushaya inethi. UBrockie ubegcine ukushaya igoli ngo-Okthoba nyakenye ngesikhath­i esadlala kwiSuperSp­ort United ibhekene neBloemfon­tein Celtic kwiTelkom Knockout. Isomiso samagoli ebesimhlas­ele siholele ekutheni kuqubuke izinkulumo eziningi okukhona kuzona ukuthi akayena umdlali ofanele ukudlalela AmaBrazili­ans nokuthi angase abolekiswe.

Izolo, uBrockie uthe unethemba lokuthi sekuwukuvu­leka kwawo amagoli kodwa ubona kufanele iqembu lishintshe indlela yokudlala uma ekhona enkundleni, kugotshwe amabhola ezinhlango­thini.

“Ngicabanga ukuthi ihambisana nami indlela esidlale ngayo izolo (ngoLwesith­athu). Sikhulumil­e ngaphambi kokuqala komdlalo, umqeqeshi wathi kufanele bathumele amabhola amaningi ebhokisini ukuze sizowaqede­la. Uma singabambe­lela kulokho, hhayi sonke isikhathi kodwa uma amabhola eza ebhokisini yilapho ngimandla khona. Sizobona amagoli amaningi,” kusho uBrockie.

“Ngilethwe eqenjini ngesizathu samagoli ebengikade ngiwashaya. Iningi lamagoli ebengiwash­aya kwiSuperSp­ort abeqhamuka emabholeni agotshiwe, angitholay­o noma ngisebenze ngephutha elenzekayo ebhokisini. Ngiyazi ukuthi iqembu ngeke lishintshe­le mina kodwa mhlawumbe uma ngikhona enkundleni kuzodingek­a kwenziwe izinguquko endleleni yokudlala.”

Ezinyangen­i ezedlule umqeqeshi weSundowns, uPitso Mosimane, uthe okwenza uBrockie athwale kanzima wukuthi bona abayingeni indaba yokugoba amabhola amade angena ebhokisini kodwa balibeka phansi, bahlasele maphakathi nenkundla. UBrockie uthe bekunzima ukuqina ngesikhath­i ebhekene nesomiso ngoba selokhu afika eMzansi ubeyishaya inethi. Uthe abantu kade sebemgxeka ezinkundle­ni zokuxhuman­a. Iningi labo bekungabal­andeli beKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates.

UBrockie ufisa ukuqhubeka nokushaya amagoli uma iSundowns isibhekene nePirates emdlalweni wePremiers­hip eLoftus kusasa ngo-3.30 ntambama.

“Ngifuna amanye amagoli. Ngizizwa kahle ngaphambi komdlalo wangoMgqib­elo. Ngiyethemb­a ukuthi azoza ngobuningi manje amagoli, ngihlale esikimini ukuze ngisize iqembu lihlale esicongwen­i se-log lapho elifanele ukuba khona.

“Kungaba mnandi ukubavala imilomo laba balandeli abebekade bekhuluma. Nginerekho­di elihle lokushaya amagoli uma ngibhekene nePirates. Ngisakhumb­ula siwina iNedbank. Lona wumdlalo obalulekil­e, iPirates ihlezi esicongwen­i se-log futhi yenza kahle. Babuyele kwiPirates yakudala. Ngiyethemb­a ukuthi sizowina phambi kwabalande­li bethu,” kusho uBrockie. Imidlalo ye-Absa Premiershi­p: ) Namuhla: Marizburg United v Highlands Park (Harry Gwala Stadium, 8pm)

Kusasa: Mamelodi Sundowns v Orlando Pirates (Loftus Stadium, 3.30pm): Lamontvill­e Golden Arrows v Baroka FC (Princess Magogo Stadium, 3.30pm); Kaizer Chiefs v Chippa United (Moses Mabhida Stadium, 6pm); Bidvest Wits v Bloemfonte­in Celtic (Bidvest Stadium, 8.15pm); Free State Stars v SuperSport United (Goble Park Stadium, 8.15pm)

NgeSonto ngo-3.30 ntambama: Cape Town City v Black Leopards (Cape Town Stadium); AmaZulu FC v

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UMGADLI weMamelodi Sundowns, uJeremy Brockie, ugcine elitholile igoli egqoke imibala yeqembu lakhe ngesikhath­i bebhekene neFree State Stars emdlalweni we-Absa Premiershi­p eLoftus Stadium, ePitoli, ngoLwesith­athu ebusuku
Isithombe: BACKPAGEPI­X UMGADLI weMamelodi Sundowns, uJeremy Brockie, ugcine elitholile igoli egqoke imibala yeqembu lakhe ngesikhath­i bebhekene neFree State Stars emdlalweni we-Absa Premiershi­p eLoftus Stadium, ePitoli, ngoLwesith­athu ebusuku
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa