Isolezwe

‘Kumele siqine emqondweni uma sesibheken­e neChippa’

- ZAKHELE XABA

UMDLALI weKaizer Chiefs, uKhama Billiat, ufuna baqine ngokomqond­o ukuze babhekane nesimo sokudlala ngaphandle kwabalande­li. IChiefs izodlala umdlalo wokuqeda isigwebo se-Premier Soccer League (PSL) eyanikezwa sona ngemuva kwezidubed­ube zaseMoses Mabhida Stadium ngesikhath­i ibhekene neFree State Stars kowandulel­a owamanqamu weNedbank Cup ngesizini edlule.

I-PSL iyigwebe imidlalo emibili, yalengisa owodwa. Emdlalweni wokuqala, Amakhosi ebukwa yizinyoni akhale ngaphansi ngo 1-0 kwiPolokwa­ne City ngenyanga edlule. Kusasa ngo-6 ntambama azogadulis­ana neChippa United eMabhida.

UBilliat, intandokaz­i yabalandel­i beChiefs, uthe kunzima ukudlala ngaphandle kwabalande­li kodwa kufanele bakugweme okwenzeke kwiPolokwa­ne.

“Kunzima eqenjini futhi kudinga umsebenzi omkhulu ngoba kufanele sigcine umgqigqo. Sihluliwe eThekwini bengekho abalandeli, saphoxeka kakhulu. Asifuni kusiphinde lokho. Sizozama ukukulungi­sa lokho, siqine ngokomqond­o, senze isiqinisek­o sokuthi siyawina. Sidinga ukujabulis­a abalandeli bethu ngoba akulula kubona, ikakhuluka­zi eThekwini, ngoba bafuna ukuya enkundleni kodwa umdlalo bazowubuka behlezi ekhaya. Kufanele senze konke okusemandl­eni, siwine umdlalo ukuze bathobeke izinhliziy­o,” kusho uBilliat.

“Kuzoba wumdlalo onzima. Ngaphambi komdlalo nePolokwan­e, umqeqeshi ubekugcize­lela ukuthi kuzoba nzima ngoba abekho abalandeli, kufanele siqine ngokomqond­o, sizilungis­elele ngoba akusona isimo esisijwaye­le. Wathi akufanele sithathe izinto kalula. Kodwa sigcine sihluliwe. Bekungemna­ndi ukuba kulesi simo. Angicabang­i ukuthi eqenjini ukhona ofuna ukuphinda abhekane nalesi simo. Ngethemba ukuthi ngeke sisaliphin­da lelo phutha. Kufanele sizimisele.”

Nakuba abalandeli beChiefs bezifela ngoBilliat kodwa akakayisha­yi inethi ngendlela abafisa ngayo. Ubajabulis­ile eshaya igoli kowabakhay­a kodwa Amakhosi agcina ekhale ngaphansi ngo 2-1.

IChiefs isiwine imidlalo emibili ilandelana selokhu ihlulwe yiPirates okuyisimo esimjabuli­se kakhulu umqeqeshi, uGiovanni Solinas. Ngempelaso­nto edlule iphume ijabule eMabhida emuva kokwehlula iSuperSpor­t United ngo 1-0 wegoli likaRamahl­we Mphahlele koweTelkom Knockout. NgoLwesith­athu ebusuku icoshe amaphuzu agcwele kwiBlack Leopards eFNB Stadium. Iwine ngo 1-0 wegoli likaWillar­d Katsande. Lokhu kusho isomiso kubagadli beChiefs.

“Inqobo nje uma iqembu liwina ngiyajabul­a. IChiefs ingaphezu kwanoma yimuphi umgadli. Abagadli bayafika bahambe kodwa iqembu liyasala. Sifuna amaphuzu, akukhathal­ekile ukuthi siwina kanjani,” kusho uBilliat.

 ??  ?? UMDLALI weKaizer Chiefs uKhama Billiat ufuna baqine ngomqondo uma sebebheken­e neChippa United emdlalweni we-Absa Premiershi­p eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, kusasa ngo-6 ntambama Isithombe: BACKPAGEPI­X
UMDLALI weKaizer Chiefs uKhama Billiat ufuna baqine ngomqondo uma sebebheken­e neChippa United emdlalweni we-Absa Premiershi­p eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, kusasa ngo-6 ntambama Isithombe: BACKPAGEPI­X

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa