Inhlokomo ngoweChiefs neBucs eMabhida
AKUPHELANGA nemizuzu emingakhi iPremier Soccer League (PSL) imemezele ukuthi umdlalo owandulela owamanqamu phakathi kweKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates uzodlalelwa eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, kwaba nenhlokomo ezinkundleni zokuxhumana.
La maqembu azotholana kushunqe uthuli kwelikaBhanana ngoNovemba 24, ngo-3 ntambama.
Isolezwe like labika kuleli sonto ukuthi lo mdlalo wabakhaya ohlale ubhekwe ngabomvu ungase udlalelwe kule nkundla ngoba iChiefs ibifuna kanjalo kanti neFNB Stadium, okuvamise ukuthi kudlalelwe kuyona lo mdlalo omkhulukazi, izobe isingethe omunye umcimbi omkhulu ngalo usuku lomdlalo.
La maqembu asanda kuhlangana emdlalweni wabakhaya we-Absa Premiership lapho kuguqe khona iChiefs ngo 2-1. Amagoli eZimnyama abekwa enethini uVincent Pule no-Innocent Maela. EleChiefs lashaywa uKhama Billiat.
Akungabazeki ukuthi kuzosiphuka izidindi eMabhida ngoNovemba 24 ngoba lo mdlalo uthathwa njengowamagqubu. IChiefs idlulele kowandulela owamanqamu ngokushaya iSuperSport ngo 1-0 khona eMoses Mabhida Stadium, ngeSonto. IBucs ibhaxabule AmaZulu ngo 3-1 kuyona le nkundla, ngoMgqibelo.
Umthombo ongaphakathi kwiChiefs uthe bebevele befuna umdlalo uye eMoses Mabhida.
“Bonke abantu baseNingizimu Afrika bebefisa lokho. Ayikho into engenziwa ukuvimba into efunwa abantu,” kusho umthombo.
Kuyaziwa nokho ukuthi ezinye izifundazwe zibuye zikhononde ngokuthi iMoses mabhida ihlale ithola imidlalo ebalulekile kubandakanya eyamanqamu neyeBafana Bafana. Nokho kulokhu abaseGauteng akukho abangakhala ngakho ngoba iFNB Stadium ngeke ikwazi ukusingatha umdlalo.
EPort Elizabeth ngeke bakhale kakhulu nakhona ngoba umdlalo wamanqamu weTelkom Knockout uzodlalelwa khona.
Amathikithi azoqala namuhla ukudayisa eProticket. Abiza u-R80. Atholakala eSpar, Edgars, CNA, Postnet naseJet. Ngenxa yedumela lomdlalo wabakhaya abalandeli bayanxuswa ukuthi bathenge amathikithi ngokushesha. Komunye umdlalo kuzotholana phezulu iBaroka FC neBidvest Wits ePeter Mokaba Stadium ngoNovemba 25 ngo-3 ntambama. Amathikithi alo mdlalo
abiza u-R40.