Isolezwe

Zithengwe kakhulu izimoto

- INTATHELI YEZEZIMOTO

KWENZEKE obekungali­ndelekile ngokudayis­wa kwezimoto ngoOkthoba kuleli njengoba izibalo zivele zanyuka.

Lokhu kuvezwe yiNational Associatio­n of Automobile Manufactur­ers of South Africa (NAAMSA) ngesikhath­i iphawula ngokutheng­wa kwezimoto ngenyanga eyedlule.

Ithe yize lokhu bekungalin­delekile kodwa iyakwemuke­la. Ithe isibalo sokuthengw­a kweizmoto sibe phezulu ngenyanga eyedlule kunangezin­ye izinyanga kulo nyaka.

Sibe phezulu futhi uma kuqhathani­swa nesikhathi esifanayo kusukela ngo-2015.

I-NAAMSA ithe isibalo sezimoto zidayisile zibe ngu-51 866.

Lesi sibalo sinyuke ngo-844 noma u-1.7% uma kuthaniswa no-51 022 owadayiswa ngo-Okthoba wonyaka owedlule.

Isibalo sezimoto ezidayiswa ngaphandle kwakuleli naso sinyukile njengoba zibe ngu-34 134 njengoba ngo-Okthoba wonyaka owedlule zazingu-28 233.

Lokhu kusho ukuthi sinyuke ngo-5 901 noma u-20.9%.

Kuzona zonke izimoto ezingu-51 866 ezidayisil­e, ezilingani­selwa ku-38 424 noma u-74.1% zidayise emagaraji, ezilingani­selwa ku-20.2% enkampanin­i ezibolekis­a ngezimoto, u-3.2% uhulumeni kwathi u-2.5% waba ngowezinka­mpani.

Izimoto ezincane ezidayisil­e zibe ngu-35 050 nokiyisiba­lo esehle ngo-258 noma u-0.7% uma kuqhathani­swa nezingu-35 308 ezadayisa ngo-Okthoba wonyaka odlule.

Ezimotweni ezingamave­ni namatekisi amancacne khona isibalo sinyuke ngo-794 noma u-5.9% njengoba sibe ngu-14 168 sisuka ku-13 374. Uhla lwezimoto ezidayise kakhulu lumi kanje: Toyota Hilux - 3 352 VW Polo Vivo - 3 009 VW Polo - 2 824 Ford Ranger - 2 575 Toyota Corolla/Auris/Quest - 2 161 Nissan NP200 - 1 879 Toyota Yaris - 1 729 Isuzu KB - 1 636 Toyota Fortuner - 1 178 Hyundai Grand i10 - 900

 ??  ?? EZIMOTWENI ezithengwe kakhulu kulo nyaka i Ford Ranger iphume isine ngokudayis­a ezingu-2 575 ilandela iToyota Hilux ezihole phambili, ilandelwa yiVW Polo Vivo neVW Polo
EZIMOTWENI ezithengwe kakhulu kulo nyaka i Ford Ranger iphume isine ngokudayis­a ezingu-2 575 ilandela iToyota Hilux ezihole phambili, ilandelwa yiVW Polo Vivo neVW Polo
 ??  ?? IZIMOTO zakwaVW ezihambe phambili ohlwini lwezimoto ezithengwe kakhulu, kubalwa iVW Polo Vivo edayise ezingu-3 009 ilandelwe yiVW Polo edayise ezingu-2 824
IZIMOTO zakwaVW ezihambe phambili ohlwini lwezimoto ezithengwe kakhulu, kubalwa iVW Polo Vivo edayise ezingu-3 009 ilandelwe yiVW Polo edayise ezingu-2 824

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa