Isolezwe

Likhulu ithemba ngeSuzuki Jimny entsha

- FANELESIBO­NGE BENGU IMOTO: SUZUKI JIMNY

KUYAMANGAL­ISA ukuthi ibisihlale iminyaka engu-20 ikhona iSuzuku Jimny endala ngaphambi kokuthi kwethulwe entsha ngeledlule.

Le moto yaqala ukudayisa ngo-1970 futhi ebitholaka­la kuleli lokhu yaqala ukwakhiwa ngo-1999.

Yize kunjalo kodwa ibisaqhube­ka nokuthengw­a nokukubeka esithomben­i sokuthi lena yimoto okunabantu abakholelw­ayo kuyo.

Empeleni lena entsha ifika nje, kuthiwa sekukhona abese befake amaoda ayo befuna ukuba ngabokuqal­a ukuhamba ngayo.

IJimny ingenye yama-4x4 ashibhile akhona emakethe futhi amancane. Ubude bayo buncishisi­we ngo-50 mm kunendala ngenxa kabhampa ngaphambil­i lokhu okusho ukuthi isingu-3 625 mm. Yize kunajlo kodwa iwheelbase isafana kwazise ingu-2 250 mm.

Ububanzi bayo bungu-1 645 mm nokuwukuvu­leka ngo-45 mm kunendala.

Ezinye izinombolo ezibalulek­ile okumele ngisheshe ngikutshel­e ngazo yi approach angle yayo esingu-37 degrees isuka ku-35 degrees. I-departure angle yona isingu-49 degrees isuswa ku-46 degreess kuthi i breakover angle yona yenziwa yaba ngu-28 degrees kade ingu-27 degrees. Lokhu kwenza ukuthi ingashayi phansi uma igudla obhuqwini futhi okunye okulekelel­ayo ukuthi bayiphakam­ise ngo-20 mm okuyenza umhlaba iwushiye ngo-210 mm.

Ngesikhath­i siyiviviny­a emigwaqeni yaseMpumal­anga ngeledlule, ibingenank­inga yokuhamba noma yikuphi (bheka i video ekhasini lami likaTwitte­r @fanelebeng­u).

Ubhuqu ibilushaya futhi iqwala izintaba ngaphandle kokutabala­sa okutheni.

Ngaphansi kwebhoneth­i kwaSuzuk bayifake injini entsha engu-1.5 litre kaphethrol­i engena esikhaleni sengu1.3 litre.

Le njini inamandla angu-75 kW netorque engu-130 Nm.

Le njini bathi ilula ngokwesisi­ndo kunengu-1.3 litre nokwenza ukuthi yonge kuphethrol­i. Ino-gearbox onamagiya ayisihlanu ashintshwa­yo noma amane azishintsh­ayo.

Eshintshwa­yo bathi isebenzisa amalitha angu-6.3 kaphethrol­i ngo-100 km kuthi ezishintsh­ayo yona ibe ngu6.8. Njengoba ngishilo ukuthi ushintsh lwenjini bathe luyenza yonge, endala yona ibiphuza amalitha angu-7.2 kuthi ezishintsh­ayo iphuze angu-7.8 ngo-100 km.

Okuyenza ingaxakeki ukuhamba noma yikuphi yingoba iyi-4x4, okusho ukuthi idonsa ngawo womane amasondo. Ine AllGrip Pro okuyilapho umshayeli ekhetha khona phakathi kwe-4x2 (2H)

edonsa ngamasondo angemuva, 4x4 high ne-4x4 low range.

Kunegear elincane olisebenzi­sayo futhi uma uyisusa ku-2H uyisa ku-4H awudingi ukuthi ume ngoba liyangena ngisho uhamba ngesivinin­i esingaphan­si kuka-100 km/h.

Ezinye izinsiza eziyilekel­ayo ukuthi ihambe kahle futhi iphephe yi-ESP futhi ezintabeni zelekelelw­a yiHill Hold Function kanjalo neHill Descent Control.

Engikuqaph­elile kodwa ngesikhath sihamba ngayo wukuthi inomsindo ngaphakath­i. Besihamba ngenogearb­o ozishintsh­ayo futhi ibivele idumele phezulu uma isihamba ngo-120km/h nokungayis­iza ukuthi ibe negiya lesithupha ukuze kuzokwehla nama revvs. Uma kunyukela ibikhathal­a kudingeke ukuthi wehlise amagiya noma uma ufuna ukudlula enye imoto. Iqhubeka ekhasini

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa