Le moto ihlukene ngezinhlobo ezimbili
Isuka ekhasini 4 ISuzuki Jimny entsha ihlukene ngezinhlobo ezimbili okuyiGA neGLX. Uma uyibuka ngaphandle iyibhokisi elincanyana. Inezicabha ezimbili bese kuba ngesangemuva.
Inemibala emihle okukhona kuyo uKinetic Yellow, Brisk Blue Metallic noChiffon Ivory Metallic futhi le mibala inokhakhayi olumnyama. Eminye ngoJungle Green, Bluish Black Pearl, Medium Grey, Silky Silver Metallic nomhlophe.
I-GA ifika ne-air conditioner, power steering, immobiliser, ABS brakes, BAS, ISOFIX, ama-airbag amabili ngaphambili, ESP, amasondo angu-15 inch nesipele esifanayo, umsakazo onezipikha ezimbili.
I-GLX ukwazi ukuyithola ngo-gearbox oshintshwayo nozishintshayo njengoba iGA inoshintshwayo kuphela. Yona ifika nezicambo zezicabha ezifana nombala wemoto, amawindi kagesi, automatic climate control, amarimu angu-1 inch, remote central locking, auto LED projector headlamps, ama-fog lights ngaphambili, SLDA touch screen infotainment system okwazi ukuxhuma neselula nge-Apple CarPlay kuyo, isiteringi esinamabhathini, cruise control nokunye.
Ngaphakathi izihlalo zeJimny bazenze zaba ngu-55mm ubude bazo futhi zathi ukuvuleka ngobubanzi. Yize kunjalo kodwa umuntu omkhulu uzoba nenkunga ngoba ngeke aze anele esihlalweni.
Ngemuva basandisile isikhala samadolo ngo-40 mm kanti nebhuthi ngemuva balandisile. Uma izihlalo zangemuva zimile, isikhala sempahla siba sincane kakhulu. Engingakuthandanga wukuthi ayikho into yokubamba impahla uma ulalise izihlalo ngoba ilokhu ishibilika.
Likhulu ithemba lokuthi izokwenza kahle emakethe iJimny entsha ngenxa yokuthi yize incanyana kodwa ayixakeki ndawo kuhle kwama- 4x4 amakulu. Inani 1.5i GA MT (2 yr / 60 000km service plan)
R264 900 1.5i GLX MT R299 900 1.5i GLX AT R319 900 Inani lihlanganisa i-warranty yeminyaka emihlanu noma u-200 000 km ne-service plan yeminyaka emine noma u-60 000 km.