Dayisa isikilebha ugweme ingozi yemoto ekade yama
NGISUKUMA nokumemezela ukuthi sonke thina baphathi bezinqola zomlilo nabasebenzisi bomgwaqo make sizothe siyikhuze ithithibale bese siyigobela eceleni komgwaqo iphumule insimb’yomlungu.
Sikusho lokho ngethemba lokuthi sonke sisaphelele futhi siwavulile ama-hazard ethu ukuze nabanye abasaphuthuma ukuyobamba elabo eliwela umfula ugcwele basibone badlule ngokuphepha.
Namhlanje isithunywa sama hazard singivuka ngiseNquthu edolobhaneni eliphakathi kweNcome neSandlwana.
Ngisathubeleza kuleli dolobha ngizithele endaweni ebukeka sengathi kukhandwa kuyo izimoto, amehlo ami avele akhangwa yizimoto ezimbili ezibukeka sezinesikhathi zama.
Kulezi zimoto kukhona uhuntshu lweMercedes-Benz i-E Class eyayidlisa ngeminyaka yo-1990 neToyota Cressida iGLi 6 yango-1985. Uma ngingena ngibuza ngaleCressida insizwa esencane iphendule yathi yimoto kamkhulu lena.
Ngibe sengibuza ensizweni endala, ebengisola ukuthi uyena mkhulu okukhulunywa ngaye, ukuthi ingayidayisa ngamalini le moto nokuthi yamiswa yini.
Lo madala uphendule umbuzo wami wokuthi angayibiza malini ngokuthi iphi imali. Mayelana nokuthi yamiswa yini uphendule ngokuthi ukuphela kwemali.
Ngivele ngenyela uma umuntu omdala engiphendula sengathi uphendula ingane ngibe ngitshengisa ukuyihalela imoto esiqala ukuthomba isegcekeni. Umkhulu ngizama ukukhuculula igceke lakhe yena uyavimba.
Angibange ngisabuza ngomhuqa weBenz yakudala ngoba ngibonile ukuthi sengathi ikhehla linonya noma libona sengathi ngiyadlala.
Ngiphume egcekeni sengibhocobele ngahamba kodwa ngisho ngenhliziyo ukuthi ukube uyasho ukuthi yimalini noma athi akayidayisi noma-ke athi angisho ukuthi ngingayithenga ngamalini ngabe kungconywana.
Abafundi bale ngosi sebeyazi ukuthi ngiyazifela ngezimoto zakudala ngakho uma ngiyibona ngiyathanda ukwazi ukuthi ingabiza malini ukuze ngibone ukuthi nginawo yini amandla noma cha.
Kuyasiza futhi ukwazi ngoba noma kungathiwa iyabiza, kunabantu esithanda ukuvusa izimoto zakudala nabo sizibize ngama- phrojekthi engingabayalela ukuthi mabayithenge ingaze idliwe umuhlwa.
Sekukaningi ngihlangana nembibizane uma ngibuza ngezimoto eziyizikilebha ezipake emizini yabantu.
Mina ngiyacikeka uma umuntu ebuza ukuthi nginamalini ngoba usuke efuna ngizikhunge mina noma abone sengathi ngimthatha kancane. Kodwa ngiyazi ukuthi baningi futhi abantu abathanda ukubuza kodwa bebe beqhuba usuku, manje-ke umbona ngani umuntu ozincokolelayo noqinisile?
Umbono wama-hazard uthi masehlise umoya uma kukhona umuntu obuzayo ngemoto esihlule. Masimchazele ukuze azi ukuthi yini exakile kuyo hleze ayithenge asuse utwayi kuwe usale nemali yokubheka esinye isikorokoro esingconywana.
Emasontweni edlule sike saveza ukuthi kuyenzeka imoto uyidayise ngoba ikwehlula bese ilungiswa into encane uhlangane nayo isiwumshini kumnikazi omusha. Lokho-ke makungakwenzi ube nomona nemoto ekuhlulayo yidedele.
Uma ubona ukuthi baningi abantu abayifunayo vula indali ubabize bonke bese unquma imali yokuqala uma bethi banayo bonke ukhuphuke kuze kusale oyedwa. Ngaleyo ndlela ungenza imali engcono kunokuyiyekelela ithombe egcekeni.
Siyethemba ukuthi lokho kunganciphisa nalezi zimoto eziletha amagundane egcekeni noma ezigcina zidlala izingane zivalelane phakathi kwehle izingozi.
Phela imoto iyayidala ingozi noma imile egcekeni ngakho xosha umhlola ekhaya ufake imali ekhukhwini.
Sekukaningi sizwa ngezingane ezivaleleka ezimotweni zilale zishone. Leyoke yingozi edalwa yimoto ehleli egcekeni kodwa ingahambi.
Abanye bazokhumbula nomkhankaso kahulumeni wesifundazwe owawuthi mazikhishwe izicabha ezimotweni ezindala ukuze izingane zingavaleleki phakathi uma zidlala kuzona. Thina-ke sithi dayisa le nto bakhona abayifunayo.
Hhayi-ke siyethemba sesizwile ukuthi kuyenzeka imoto emile idale ingozi ngakho masiwavale lana ama-hazard ethu sibuyele emgwaqweni siphuthume emakhaya siyobheka imali yethu ezihlalele emagcekeni siyiqoqe kahle.
Sikhumbule njalo ukulandela imithetho yomgwaqo ebusa izwe ukuze sihlangane sisaphephile nangesonto elizayo futhi siqede amafuku amagundane, amazenze nezinyoka emagcekeni ethu.
Uma ufisa siyiqhube le ndaba ngena ekhasini lethu likaFacebook elithi Igedlela lami with Sthembiso Shangase. Yimi owenu nali ikheli ngezansi hazardiso@gmail.com