Isolezwe

Kusaphaka udaka kwiHilux Dakar

- FANELESIBO­NGE BENGU IMOTO: TOYOTA HILUX DAKAR

UKUBA bekuvezwa ukuthi imoto ngayinye idayisa kangakanan­i uma kukhishwa izibalo zokuthengw­a kwezimoto, bekuzozica­cela ukuthi iToyota Hilux Dakar ingenye yezimoto ezenza kahle kwaToyota.

Inkinga wukuthi izibalo zikhipha amagama kuphela. Kumane kuthiwe Hilux kungavezwa izinhlobo zayo ezehlukene.

IDakar ifike yaphenduka intandokaz­i selokhu yethuliwe ngoJuni. Lokhu kufakazelw­a wukwanda kwayo emgwaqweni. Abantu bayithengi­swa wukwehluka kwayo kunamanye amaHilux.

IDakar kugujwa ngayo impumelelo yeHilux eyakhiwa eNingizimu Afrika. Ingenye yezimoto ezihlangan­yelayo emncintisw­aneni weDakar Rally.

IDakar igqize ngengapham­bili elehlukile kunamaHilu­x akhona. Ishaya nge-grille egolozile ye- trapezoida­l, ikhanyisa ngamalambu eLED.Ngezansi inamalambu enkungu.

Nawo amalambu enkungu angamaLED. Abashayeli bangakheth­a phakathi kweXtra noma iDouble Cab, esithole ithuba lokuyivivi­nya. Ishaya ngemibala ehlukene okukhona kuyo nomusha i-Inferno Orange Metallic engiwuthan­dayo ngenxa yokugqama kwawo. Thina kodwa sithole emhlophe, enhle nayo ngokufanay­o. Ngemuva bayimboze ngoseyile, esikhenken­i bayibhixa ngokuyivik­ela ukuthi ingalimali uma ilayisha.

Ngaphakath­i imnyama yonke indawo kusuka ezicabheni, kudashboar­d, okhakhayin­i kuyoshaya ezihlalwen­i zesikhumba.

Sekwashint­sha ukuthi izimoto ezingamave­ni kube ezokuseben­za njengoba uma ungaphambi­li ungafunga ukuthi yimoto encane. I-infotainme­nt system bayithuthu­kise ngokuyifak­a iSatellite Navigation kodwa bebengayis­ethile kweyethu.

Ngaphandle kwalokho ineBluetoo­th, ifaka i-USB, idlala iCD/DVD endaweni lapho kuvela khona ingemuva uma uhlehla kanti iyi-touch screen. Baphinde bayigaxa i-instrument cluster entsha.

Isiteringi siyisikhum­ba futhi sinezinkin­obho zokulawula umsakazo nokunye. ine-cruise control. Inenkinga yakudala yakwaToyot­a yokuthi uma ushintsha igiya lilokhu liphenduka.

Njengoba kuyimoto yomndeni nje, inendawo eziningi zokubeka impahla njengeziph­uzo ngaphambil­i kwi dashboard, ezicabheni nangemuva kwegiya.

IDakar isebenzisa injini engu-2.8 GD-6. Le njini engu2.8 litre fourcylind­er turbodiese­l inamandla angu-130 kW netorque engu420 Nm kanti uyazishint­shela amagiya ayisithuph­a. Uma ufaka igiya eliya emuva kumele uliphushe kakhulu eceleni. Bekubuye kugejeke kungene eliya phambili kodwa uma usujwayele ayibi khona inkinga.

Emgwaqweni iyazishibi­likela nje, yize bebengenza kangcono ekutheni ithule futhi ibe ntofontofo njengezimb­angi ezifana neNissan Navara, Mitsubishi Triton neMercedes-Benz X-Class.

Akusiyona imoto engakulali­sa kalula ezintabeni ngoba iyi-4x4, uma usuxakeka uyenza ukuthi idonse ngawo wonke amasondo ishaye udaka ilubhekise eceleni.

Uma ihamba uyalibona uthi lukadizili lwehla. Ngebanga lika-100 km ihubuluze amalitha awu-9 ngesikhath­i ngihamba ngayo.

Angibasoli abantu abayitheng­ayo ngoba yimoto esezingeni futhi ongathembe­la kuyo. Nokuhamba ngayo nsuku zonke akuyona inkinga ngoba uma upaka iveza ingemva kwazise inekhamera.

Empeleni uma uthenga imoto enje uphelele ngoba uyakwazi ukuhamba ngokukhulu­leka nomndeni uphinde ube nesikhala esanele sempahla. Inani Hilux DC 2.8GD6 4X4 Dakar MT R601 100 Iphuma neservice plan yamasevisi ayisishiya­galolunye noma u-90 000km newarranty yeminyaka emithathu noma u-100 000 km.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa