Isolezwe

I-Aygo iwumncanya­na omuhle

- FANELESIBO­NGE BENGU IMOTO: TOYOTA AYGO

IHLALE ikhuzwa indaba yokuthi abantu bahlulele into ngokuyibuk­a kuphela bese beyacabang­a ukuthi ngabe injani. Baningi ababuka iToyota Aygo bayahlulel­e kodwa uma besondela eduze amathe abuyele kwasifuba. Omunye uzakwethu wake wathi uToyota ngisho ungakha ibhala ulifake uphawu abantu bazogijima bayolithen­ga.

Wayekusho ngesikhath­i kufika okokuqala iToyota Etios engeneme ngendlela ehamba ngayo.

Ngiwakhumb­ulile amazwi akhe muva nje ngithola ithuba lokuhamba ngeToyota Rush engayizwa njengemoto okusamele bayisebenz­e ngoba iwubhavu nje obanga umsindo uma uhamba ngayo.

Nokho i-Aygo iwumncanya­na okahle kakhulu, ikakhuluka­zi egengeni encane yasemaloki­shini. Baningi abebeyibuk­a bayeye kodwa uma ngithi abasondele eduze bethi “hawu ikahle yazi”.

Uma siqala nje ngaphandle, iyabukeka. Esihamba ngayo lapha yi-Aygo X-Play Silver. Umbala wayo mnyama bese kuthi ukhakhayi lube siliva.

Ngaphambil­i ngathi wu-X uma uyibuka futhi ngezansi kubhampa kunombala osiliva. Amalambu makhulu futhi azungezwe ngakhanya ubusuku nemini amaLED Daytime Running Lights.

Ihamba ngamasondo anama-wheel cap angu14 inch. Ngemuva inombala osiliva kubhampa ngezansi bese kuba yisivalo sengilazi sokuvula ibhuthi.

Ebhuthini liyapho ufica khona isipele nesikhala esingengak­anani sempahla kwazise vele imoto incane.

Uma ungena ngaphakath­i abagibeli abadala abane bayangena futhi uyakwazi ukubampint­sha nabayisihl­anu.

Izinto efika nazo zihlangani­sa i-touchscree­n audio system futhi idlala i-USB, AUX neBluetoot­h. Inamawindi kagesi, remote central locking, izibuko ezihlelwa ngogesi, ne-air-conditioni­ng.

Ngasenjini­ni ifika nengu-1 litre ethuthukis­we ngo-2 kW nokuyenza ifike ku-53 kW netorque engu93 Nm. Bathi ngebanga lika-100km idla amalitha angu-4.3. Ngihamba ngayo ibidla amalitha angu-5.2 ngo-100km.

Iyimoto ekahle ukuhamba edolobheni ngoba incanyana futhi ichusha kalula. Uma uyipaka awuxakeki ngenxa yobumncane bayo.

Emgwaqeni omkhulu ibuye ikukhumbuz­e ukuthi inenjini encane uma isikuphoqa ukuthi wehlise amagiya uma kunyukela kodwa uma kuqondile ayinakinga.

Okuhle ukuthi iyakutshel­a uma sekufanele ushintshe amagiya ukuze ihambe kahle. Ngaphakath­i bazamile ukuyenza ithule Kwezokuphe­pha ifika neVehicle Stability Control, Hill Assist Control, ABS neBrake Assist. Kukhona nama-airbag ngaphambil­i nasemacele­ni futhi inendawo yokufaka isihlalo sengane.

Njengoba uDisemb ususeduze nje, iyimoto ekahle yokuthenge­la ingane esanda kuphasa umatric noma uma uqala umsebenzi. Uma futhi ufuna imoto yokuhamba edolobheni kwazise nophethrol­i umba eqolo iyimoto engakhalis­i. Inani Aygo X-Play Silver - R 169,100

Iphuma newarranty yeminyaka emithathu noma u-100 000km kanti i serive plan uyifaka uma uthanda.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa