Iza kuleli iSubaru Rorester SUV

Isolezwe - - EZEZIMOTO -

IMOTO: SUBARU FORESTER

SEKUQINISEKISIWE ukuthi izokwethulwa eNingizimu Afrika ngenyanga ezayo iSubaru Rorester SUV yesizukulwane sesihlanu.

Le moto eqale ukubonakala embukisweni i-2018 New York International Auto Show, iza nezinkulu izinguquko kunendala.

Ithuthukiswe ezokuphepha, indlela ehamba ngayo nebambelela ngayo kanjalo nobuntofontofo bayo. Ngaphandle kwalokhu ezokuphepha zihlanganisa ama-airbag ayisikhombisa.

Wonke amaForester aphuma neSubaru Symmetrical All-Wheel Drive and Active Torque Vectoring futhi anenjini engu-2.0 litre enamandla angu-115 kW ne-torque engu-196 Nm. Zifika ngogearbox oyi CVT (continuously variable transmission).

Abashayeli bayakwazi ukuyikhetha ukuthi ihambe kanjani ngokuyifaka ku-Intelligent noSport. U-Intelligent wenza ukuthi yonge uphethroli kuthi uSport iwakhiphe wonke amandla futhi uma unyathela amafutha iphendule ngokushesha.

Iyimoto yokuqala yakwaSubaru ukufika neXMode system. Yenza ukuthi izihlele yonke amandla ezimeni ezinzima umshayeli abhekane kuphela nesiteringi.

Iza kuleli nje, sekuqaliwe ukukhulunywa ngayo kwamanye amazwe futhi ibalwe nezinye ezisemncintiswaneni weWorld Car of the Year 2019.

Imininingwane ephelele ngayo namanani kuzomenyezelwa uma seyethulwa ngenyanga ezayo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.