Iyiphi okuzoba yimoto yonyaka?

Isolezwe - - EZEZIMOTO -

ZIZOMENYEZELWA emasontweni amabili azayo izimoto eziwu-10 ezizobanga isicoco semoto yonyaka yaseNingizimu Afrika i-2019 AutoTrader South African Car Of The Year.

Imoto ezomenyezelwa izobe ivotelwe yizintatheli ezingamalungu eSouth African Guild of Motoring Journalists (SAGMJ), okukhona kuzo neyaleli phephandaba.

Ukuvota kuvalwe ngeSonto. Umncintiswano wakulokhu usushintshile njengoba kungokokuqala ukuthi umphakathi nawo uvote.

Njengoba kuzomenyezelwa izimoto eziwu-10 nje, ngonyaka ozayo, amajaji angamalungu eSAGMJ azobe esezihlola nzulu enkundleni yezimoto iKyalami ngoMashi bese kumenyezelwa imoto enqobile.

Phakathi kwezinto amajaji azibhekayo kubalwa indlela imoto eyakhiwe ngayo ngaphandle nangaphakathi, ubuchwepheshe besimanje, injini ukuthi inamandla angakanani nokonga kwayo, u gearbox, ukuthula ngaphakathi nokuba ntofontofo, izinto ezisiza umshayeli nokunye. Izimoto okuzokhethwa kuzo ezingu-10 yilezi: 1. Alfa Romeo Stelvio 2. Haval H9 3. Honda Civic Type R 4. Honda Amaze 5. Hyundai Kona 6. Jaguar E-Pace 7. Land Rover Range Rover Velar 8. Lexus ES 9. Mercedes-Benz A-Class 10. Mitsubishi Pajero Sport 11. Nissan Micra 12. Opel Grandland X 13. Opel Crossland X 14. Porsche Cayenne 15. Renault Duster 16. Renault Mégane RS 17. Suzuki Swift 18. Suzuki Jimny 19. Volvo XC60 20. Volvo XC40

MITSUBISHI Pajero Sport ingenye yezimoto ezisemgqeni embangweni wesicoco semoto yonyaka eNingizimu Afrika

NISSAN MICRA

MERCEDES-BENZ A-CLASS

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.