Sebufike qatha ubutsetse beBMW 3 Series

Isolezwe - - EZEZIMOTO - IMOTO: BMW 8 SERIES CONVERTIBLE

NJENGOBA unyaka usuya ngasemaphethelweni, sekukhona asebeqalile ukwenza izinhlelo zonyaka ozayo.

Abanye asebeziqinisekisile izinhlelo zabo abakwaBMW asebememezele ukuthi kuzothi kuqala u-2019 bube sebutheleka kwelengabadi ubutsetse besilahlamatende iBMW 8 Series Convertible.

Imoto edle ngokuba sporty ukhakhayi lwayo luthatha imizuzwana ewu-15 ukuvuleka nokuvaleka futhi lokho ukwazi ukukwenza uhamba ngesivinini esingaphansi kuka-50 km/h.

Yize inezinhlobo ezehlukene kodwa eNingizimu Afrika kuzofika kuphela i M850i xDrive. Inenjini engu-4.4 litre V8 enogearbox oyi eight-speed Steptronic.

Inamandla angu-390 kW netorque engu-750 Nm. Isukisa okonyazi, kuyithatha imizuzwana ewu-3.9 ukufika ku-100 km/h. Ijubane elikhulu ngu-250 km/h.

Ifika nezinto eziningi okubalwa kuzo amaAdaptive LED headlights namaLED lights ngemuva, amarimu angu-20 inch, M Sport braking system, ibhuthi elilayisha impahla engu-350 litres. Uma uthanda uyikwazi ukuyenza ukuthi ishaje iselula ungayifakanga ntambo, BMW display key, umsindo weBowers & Wilkins Diamond Surround Sound System, nokunye okuningi.

Izinsiza zomshayeli zihlanganisa ukuthi ibike uma izoshayisa, ibike uma iphuma emzileni, uma seyeqisa ijubane, ikusize uma upaka nokunye.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.