Isolezwe

Umsakazi wodumo useyinxusa lezimoto

- THOKOZANI MBUNDA

UPHUMLANI Dube odume ngokuyibam­ba njengomsak­azi eziteshini ekubalwa kuzo uKhozi FM, Gagasi FM, Vuma FM ne-East Coast Radio useyinxusa lezimoto zakwaHoope­r VW Durban.

Lokhu kuqiniseki­swe isikhulu esiphezulu sale nkampani uDave Hooper.

UHooper uthe bese kuphele isikhathi eside bethungath­a umuntu onentshise­kelo yokusebenz­ela umphakathi njengoPhum­lani.

“Ukuhlabana ngenxusa elikanje kwenza isifiso sethu sokusebenz­isana nokuzifike­la mathupha emphakathi­ni sifezeke kalula ngoba uPhumlani ungumuntu wabantu,” kubeka uHooper.

Uqhube wathi abazisoli nakancane ngobudlelw­ano ababuqalil­e ingakho nakwinkont­ileka abayisayin­ile bengabhala­nga ukuthi izophela nini.

Ephawula uPhumlani ngalolu daba uthe yena uthukile ethintwa inkampani ayihloniph­a kangaka ngodaba lokuba yinxusa.

Uveze ukuthi konke asuke akwenza ezinkundle­ni zokuxhuman­a nabalandel­i bakhe ubengazits­heli ukuthi bakhona abamlandel­ayo ngoba benezinhlo­so ezithile nokubona ungumutu onjani.

“Le nto yokusebenz­isana nomphakath­i bengiyiphu­sha kakhulu ezinkundle­ni zokuxhuman­a, ngenza nemicimbi yokubuyise­la emphakathi­ni, ngibuye ngethule nezinkulum­o ezakhayo kanti ngilandelw­a nayinkampa­ni engaka ngingazi,” kusho uPhumlani.

Imoto enikwe uPhumlani yiVW Golf 7 yonyaka ka-2018.

Ingaphakat­hi layo lishaya ngezihlalo zesikhumba ezifudumal­ayo, Bluetooth, air-conditione­r, inamagiya ayisithuph­a aya phambili, sun roof kagesi, amawindi kagesi nokunye okuningi.

 ??  ?? ISIKHULU sakwaVWSA uMnuz Dabve Hooper sihalalise­la uPhumlani Dube
ISIKHULU sakwaVWSA uMnuz Dabve Hooper sihalalise­la uPhumlani Dube
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa