Uphenduke ihlaya ‘ngengoma yonyaka’
OBENGUMLINGISI womdlalo iGenerations: The Legacy, uMnqobi Duma, osengene emculweni uthi ingoma yakhe okukhulunywa ngayo kakhulu kulezi zinsuku ethi Umsindo, uyafisa ukuyibona iba sohlwini lwezizohlukanisa unyaka.
Ngesonto eledlule lo mculi uzidonsele amanzi ngomsele enkundleni yokuxhumana ethi ukwenza umculo kumvule amehlo wabona ukuthi abantu bakuleli ababuqondi ubuciko.
Ukugxekwa kumenze washo lawa magama.
NgoMgqibelo uphinde wabhala ukuthi ngisho abantu bengayithandi ingoma yakhe kodwa uzoyiyisa kweziqokwayo kwezingase zihlukanise unyaka.
“Ngiyabonga kuwona wonke umuntu ongikhombisa uthando. Yize ingoma ethi Umsindo kukhona abakhombisa ukungayithandi kodwa kumele ibe sohlwini lwezizohlukanisa unyaka,” kubhala uMnqobi kuTwitter.
Uphinde waveza ukuthu kuleli sonto elizoqala kukhona enye futhi azoyikhipha.
Abantu bamangale kakhulu kuTwitter bezwa ukuthi uMnqobi ucabanga ukuthi ingoma yakhe ingaba sezingomeni ezithathwa njengezishisa izikhotha kulo nyaka.
Iningi belithi akathi uyadlala njengoba lokhu akushoyo ngeke kwenzeke kuze kwenziwa ihlaya ngokuthi ingoma izohlukanisa unyaka.
Enye into agxekwe ngayo uMnqobi yi-music video yeculo lakhe abanye abathi ayihambisani nalo.
Lo mculi ukhombise ukungakugqizi qakala ukuphawula kwabantu njengoba ethe umatasa upheka kabusha iculo alibhala ngo-2016.