Isolezwe

Uphenduke ihlaya ‘ngengoma yonyaka’

- NOKUBONGWA PHENYANE noMCEBO MPUNGOSE

OBENGUMLIN­GISI womdlalo iGeneratio­ns: The Legacy, uMnqobi Duma, osengene emculweni uthi ingoma yakhe okukhuluny­wa ngayo kakhulu kulezi zinsuku ethi Umsindo, uyafisa ukuyibona iba sohlwini lwezizohlu­kanisa unyaka.

Ngesonto eledlule lo mculi uzidonsele amanzi ngomsele enkundleni yokuxhuman­a ethi ukwenza umculo kumvule amehlo wabona ukuthi abantu bakuleli ababuqondi ubuciko.

Ukugxekwa kumenze washo lawa magama.

NgoMgqibel­o uphinde wabhala ukuthi ngisho abantu bengayitha­ndi ingoma yakhe kodwa uzoyiyisa kweziqokwa­yo kwezingase zihlukanis­e unyaka.

“Ngiyabonga kuwona wonke umuntu ongikhombi­sa uthando. Yize ingoma ethi Umsindo kukhona abakhombis­a ukungayith­andi kodwa kumele ibe sohlwini lwezizohlu­kanisa unyaka,” kubhala uMnqobi kuTwitter.

Uphinde waveza ukuthu kuleli sonto elizoqala kukhona enye futhi azoyikhiph­a.

Abantu bamangale kakhulu kuTwitter bezwa ukuthi uMnqobi ucabanga ukuthi ingoma yakhe ingaba sezingomen­i ezithathwa njengezish­isa izikhotha kulo nyaka.

Iningi belithi akathi uyadlala njengoba lokhu akushoyo ngeke kwenzeke kuze kwenziwa ihlaya ngokuthi ingoma izohlukani­sa unyaka.

Enye into agxekwe ngayo uMnqobi yi-music video yeculo lakhe abanye abathi ayihambisa­ni nalo.

Lo mculi ukhombise ukungakugq­izi qakala ukuphawula kwabantu njengoba ethe umatasa upheka kabusha iculo alibhala ngo-2016.

 ?? Isithombe: SIGCINIWE ?? UMNQOBI Duma uthi ingoma yakhe ufuna ukuyifaka nezinye ezizoba sohlwini lwezizohlu­kanisa unyaka
Isithombe: SIGCINIWE UMNQOBI Duma uthi ingoma yakhe ufuna ukuyifaka nezinye ezizoba sohlwini lwezizohlu­kanisa unyaka
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa