Isolezwe

Kulindwe imiphumela ngegciwane emaqandeni

- PHILI MJOLI NONTUTHUKO NGUBANE

UMKHANDLU weTheku uthi umphakathi ungatataze­li awulinde imiphumela ezocacisa ukuthi ngabe izakhamizi zakuleli dolobha ezigule ngemuva kokudla amaqanda, ziguliswe yisalmonel­la yini.

UMnuz Musawakhe Mayisela okhulumela uMasipala weTheku, uthe ngemuva kokuthi odokotela ababone abantu ababalelwa ku-20 ebebegula ngemuva kokudla amaqanda bakuqinise­kisile ukuthi iziguli abazibonil­e ziguliswe yigciwane isalmonell­a. Ngenxa yalokhu umasipala uyaphenya ukuthi isalmonell­a okuyigciwa­ne elitholaka­la ekudleni okungaphek­iwe, belisemaqa­ndeni yini nokuthi ngempela lezi zakhamuzi ziguliswe wukudla okunalo yini.

“Okwamanje abantu abehlise umoya, baqiniseki­se ukuthi bageza izandla uma bezothinta ukudla ngoba lesi sifo sisabalali­swa ukungahlan­zeki. Ngiyethemb­a ukuthi lizophela isonto sesiyithol­ile imiphumela enemininin­gwane ephelele. Okwamanje bangaphezu kuka-20 abantu ababonwe ngodokotel­a ebebephala­za behlanjulu­kelwe nayizisu okungeziny­e zezimpawu ze-salmonella,” kusho uMayisela.

Kuphazamis­eke umcintiswa­no wokupheka endaweni yokudlela, i-Old Town Italy, eMhlanga abebengene­le umcintiswa­no bephalaza ngemuva kokudla ukudla okunye kwakho obekuneqan­da.

AbakwaSpar obekutheng­we kubo amaqanda bathi basalinde imiphumela yocwaningo ezocacisa ukuthi ngabe amaqanda abo abenegciwa­ne isalmonell­a ngempela yini. Okwamanje bathe amaqanda asazoqhube­ka adayiswe, bazowakhip­ha uma bethola ukuthi anayo isalmonell­a.

UMnuz Rowan Holt wenkampani ekhiqiza iBarn Eggs ephakela izitolo zakwaSpar uthe uphenyo lwesikhash­ana luveza ukuthi leli gciwane alikho emaqandeni abo kodwa wathi bazobambis­ana nabenza ucwaningo.

UMnyango wezeMpilo esifundazw­eni uthe uzosiqapha isimo, kodwa ucwaningo lwenziwa uphiko lwezempilo lukaMasipa­la weTheku ngoba zonke lezi zigameko zenzeke eThekwini.

 ??  ??
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa