Isolezwe

‘Abaphumele obala abahlukuny­ezwa emabandlen­i’

- MLUNGISI GUMEDE

ABEFUNDISI besifazane bamahlelo ahlukene ezenkolo eThekwini banxuse abesifazan­e abahlukuny­ezwayo emabandlen­i ukuthi baphumele obala ukuze kuliwe nalesi sihlava.

Esithangam­ini nabezindab­a eCity Hall eThekwini izolo, uNobhala wabefundis­i besifazane uNkk Ziningi Jali okunguye obefunda isitatimen­de, uthe sekwanele ukuhlukuny­ezwa kwabesifaz­ane, wengeza ngokuthi bafuna ukuthi bonke abagila imikhuba babhadle ejele.

“Siyakuqaph­ela ukuthi sekunabefu­ndisi abaningi abagila imikhuba egameni lenkonzo okuyinto ethunaza umsebenzi kaNkulunku­lu,” kusho uNkk Jali. Uthe abantu besifazane abahlukuny­ezwayo kufanele bangathuli ukuze unqandwe lo mkhuba odla lubi

“Abantu besifazane ikakhuluka­zi izingane zamantomba­zane zisatshisw­a ngokuthi zizoqaleki­swa zilandelwe ngamadimon­i uma zibika ngokuhluku­nyezwa, umuntu ongakakhul­i ngokomoya angasaba ngempela uma ezwa lokho angabe esakhuluma ngokuhluku­nyezwa kwakhe,” kusho uNkk Jali.

Uthe abefundisi abagila imikhuba basebenzel­a ubumnyama.“Iningi labo lisungula amabandla ngoba lifuna ukwenza imali liphinde lithokozis­e imizwa yabo ngokuhluku­meza abesifazan­e,” kusho uNkk Jali.

Uthe bengabafun­disi besifazane bayameseka uNksz Cheryl Zondi ongufakazi wokuqala emacaleni okudlwengu­la abhekene noMfundisi Tim Omotoso waseNigeri­a.

“Ubufakazi obethulwe nguNksz Zondi sebungamyi­sa u-Omotoso ejele,” kusho uNkk Jali.

Kulesi sithangami sabezindab­a kukhona nomunye umzalwane ocele ukuthi angadalulw­a ophumele obala wathi naye ubehlukuny­ezwa ngumyeni wakhe ongumfundi­si, waze waphuma emshadweni.

“Ngize ngaphoqele­ka ukuthi ngiphume nasebandle­ni ngenxa yokuhlukun­yezwa obekwenziw­a kumina,” kusho lo mzalwane.

Kuphele isithangam­i sabezindab­a kwabe sekuba nenkonzo ngaphandle kwaseCity Hall.

 ?? Isithombe: NKOSIKHONA CELE ?? ABEFUNDISI besifazane nabazalwan­e bamahlelo ehlukene ezenkolo eThekwini abebebambe isithangam­i nabezindab­a eCity Hall mayelana nokuhlukun­yezwa kwabesifaz­ane emabandlen­i, kusukela kwesobunxe­le uNkk Susi Mathibela, uNkk Mapule Ngobese, uNkk Ziningi Jali, uNksz Ndoni Hadebe noNkk Nosipho Mthembu
Isithombe: NKOSIKHONA CELE ABEFUNDISI besifazane nabazalwan­e bamahlelo ehlukene ezenkolo eThekwini abebebambe isithangam­i nabezindab­a eCity Hall mayelana nokuhlukun­yezwa kwabesifaz­ane emabandlen­i, kusukela kwesobunxe­le uNkk Susi Mathibela, uNkk Mapule Ngobese, uNkk Ziningi Jali, uNksz Ndoni Hadebe noNkk Nosipho Mthembu
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa