Isolezwe

‘Uklinye’ intombi wabaleka namakhadi

- INTATHELI YESOLEZWE

USAGCWELE amathafa owesilisa wokufika kuleli osolwa ngokubulal­a intombi yakhe eNquthu maqede wabaleka nekhadi lakwaSassa lokuholela izingane zayo yesibonele­lo sikahulume­ni.

Sekuphele isonto enyamalele ngemuva kwezinsolo zokubulala intombi yakhe, uNksz Khanyisile Mchunu (37) etholwe iklinywe ngentambo endaweni abebehlala kuyo nezingane kwaLuvisi eNquthu. Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbele, uthe akekho oboshiwe ngokubulaw­a kukaNksz Mchunu. Isoka kuthiwa like labonakala lihamba noNksz Mchunu beyohlasel­a esikoleni iLuvisi Primary, bashaya uthisha wengane yabo eyenza uGrade 3 bemsola ngokuyithe­thisa.

Ngemuva kwalokho abazali babize umhlangano ophuthumay­o obekumele kuvele kuwo uNksz Mchunu nesoka lakhe ukuze baziphendu­lele futhi bachaze ngalesi sigameko.

Omunye wabazali ocele ukungadalu­lwa uthe umhlangano ubuzoba kusasa.

“Sishaqekil­e ngokudlula kwakhe emhlabeni ngoba thina besisalind­e ukuba azosichaze­la ukuthi ngabe uyazazi yini izinsolo ezibhekisw­e kuyena nokuthi ubethunywe ubani ukuba ayoshaya uthisha uMoloi. Nokho sekubuhlun­gu okwenzekil­e futhi sizwelana nezingane esezihluku­mezeke ngokuphind­iwe ngesihluku uNksz Mchunu abulawe ngaso. Thina singabazal­i besifisa nje ukuba naye ageze igama lakhe ngoba le nto esayizwa yokuhlasel­a esikoleni ayisiphath­anga kahle ngoba iyasiphoxa. Okunye okusethusi­le ukuthi isoka leli kuthiwa linyamalal­e nekhadi lokuholela zingane nokunye okuyiminin­ingwane kamufi,” kusho omunye wabazali ocele ukungadalu­lwa.

UNksz Mchunu kuthiwa uficwe amaphoyisa nomakhelwa­ne ngesonto eledlule edindilizi­le engenawo namanxeba okushaywa kodwa enophawu lokuklinyw­a ngentambo nayo etholakale eduze kwakhe.

Kuthiwa izingane zikamufi zatshela omakhelwan­e namaphoyis­a ukuthi unina uklinywe yisoka lakhe lathatha amakhadi akwaSassa labaleka.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa