Isolezwe

Uyavela ‘odlwengule wabulala’ indodakazi

- NONTUTHUKO NGUBANE

UZOVELA namhlanje eNkantolo yaKwaHlabi­sa owesilisa oneminyaka engu29 ngezinsolo zokuhlukum­eza ngokocansi, abulale indodakazi angayizali ethi izingcolis­ile.

Umsolwa uboshwe ebhace eBuxedene KwaNongoma.

Ngo-Okthoba 14 nonyaka ngabo 4 ntambama kuthiwa ingane yentombaza­ne eneminyaka emibili yashaywa ngenduku ngoba izingcolis­ile. Yayiswa emakhazeni azimele. Sekuhlolwa isidumbu kwatholaka­la ukuthi ingane ihlukumeze­kile ngokocansi yashaywa.

Kwavulwa icala lokubulala esiteshini saKwaHlabi­sa.

Bese kuphele inyanga esekubhace­ni umsolwa.

Uyise wengane oneminyaka engu-50 igama lakhe elingeke lidalulwe, uthi ufuna nonina wengane aboshwe.

“Akukho engifuna kusale ngaphandle kuleli cala, kumele baboshwe bobabili ukuze kuzovela iqiniso. Ngashayelw­a ucingo wunina wengane wathi ishonile, kade iphethwe umkhuhlane, wayilalisa bavuka isishonile. Ngabuyela emakhaya, ngalanda isidumbu emakhazeni sithi sizoyingcw­aba ekhaya. Ingane bathi beyigeza bathola ukuthi ilimele, sabe sesithinta amaphoyisa yayiswa emakhazeni kwafike kwazwakala khona ukuthi ishayiwe, yahlukunye­zwa ngokocansi. Unina wengane wathi akazi lutho ngalokho. Lokho kwangimang­aza. Ngisola ukuthi wayevikela isoka lakhe,” kusho uyise wengane.

Kuthintwa unina wengane, udadewabo omdala uNksz Jabu Nxumalo unqabile ukuba kukhulunyw­e naye, wathi: “Imina umamkhulu wengane eyashona, angifuni nikhulume nonina wengane, akukho esizokusho. Uma nifuna izindaba ningaqhube­ka,” esho egaklaza ucingo.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbele, uthe uzovela eNkantolo yaKwaHlabi­sa namhlanje umsolwa.

“Uboshelwe icala lokunukube­za ngokocansi nokubulala ingane eneminyaka emibili,” kusho uCol. Mbele.

Kwesinye isigameko amaphoyisa aseHibberd­ene abophe owesilisa oneminyaka engu-37 ngecala lokudubula inkosikazi yakhe.

NgoNovemba 7 nonyaka ngo-8 ebusuku umsolwa wathinta amaphoyisa ewatshela ukuthi inkosikazi yakhe (39) idutshulwe emzini wabo ngabantu besilisa abangabazi. Umufi ubenenxeba lokudutshu­lwa ekhanda.

Emuva kophenyo lwamaphoyi­sa kutholakal­e ukuthi wumsolwa owadubula inkosikazi yakhe ngemuva kwengxaban­o.

UCol Mbele uthe umsolwa uvulelwe icala lokubulala, uzovela maduze eNkantolo yaseMzumbe.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa