Isolezwe

Indida ngokubulaw­a komshushis­i kwakhe

- BONISWA MOHALE

SEKUQUBUKE indida ngokudutsh­ulwa komshushis­i (57) obesebenza enkantolo yasePineto­wn okuthiwa udutshulwe ngamadoda amabili washona emzini wakhe oseNorthde­ne ngoMgqibel­o.

Isolezwe lithole ukuthi umshushisi ubebuya kolanda indodakazi yakhe ehlala endaweni yabafundi kwenye inyuvesi eThekwini ebizovakas­ha ekhaya njengoba bekuyimpel­asonto.

Kuvela ukuthi yize ebeshadelw­e, ubehlala yedwa akuqondaka­li ukuthi unkosikazi wakhe oyiphoyisa osebenzela esiteshini sasePineto­wn kungani ebengahlal­i naye.

Isolezwe lithole ukuthi lo mshushisi ushadelwe wunkosikaz­i wesibili nyakenye kanti abantu abangathan­danga ukucashunw­a bathe bese kunezinkin­ga kulo mshado.

Bathe kuyadida ukuthi adutshulwe eyedwa bese kungebiwa lutho ukube bekungamas­ela abezokweba okuthile endlini.

Kuthiwa ngoMgqibel­o ulande indodakazi ngabo-6.55 ntambama wase eyothenga izinto esitolo.

Ufike ekhaya ngabo-9 ebusuku wapaka imoto kwathi uma eyovala isango wadutshulw­a ngamadoda amabili.

Kuthiwa indodakazi ebisendlin­i ilunguze ewindini yabona abantu ababili bephithize­la egcekeni yathinta umfowabo imazisa ngosekwenz­ekile.

Isolezwe lithole ukuthi omakhelwan­e bathinte amaphoyisa emuva kokuzwa ukuqhuma kwesibhamu.

Ngebhadi amaphoyisa afice umshushisi eseshonile.

UColonel Thembeka Mbele wamaphoyis­a KwaZulu-Natal uthe amaphoyisa aseMalvern aphenya icala lokubulala emuva kokudutshu­lwa kwendoda emzini wayo oseNorthde­ne.

Uthe okwamanje ayikaziwa imbangela yokudutshu­lwa kwale ndoda futhi akekho oboshiwe.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa