Isolezwe

Asikaze sihlomule kwiVBS: abeSACP

- BONISWA MOHALE

ISOUTH African Communist Part (SACP) ithi izobathath­ela izinyathel­o zomthetho abangcolis­a igama layo ngokuthi yahlomula ekudliweni kwemali yaseVBS Mutual Bank.

Okhulumela iSACP kuzwelonke, uMnuz Alex Mashilo, uthe bathinte abameli babo ngodaba olushicile­lwe yiphephand­aba langeSonto lokuthi iSACP yahlomula uR3 million wathi iphephanda­ba alinabo ubufakazi.

“ISACP inamarekho­di okuthi imali yayo ivelaphi, akukho okufihlway­o uma senza umbiko wezimali. Asikaze sihlomule ngisho nangesenti kwiVBS noma kwiVele Investment­s. Siyayichit­ha imibiko yokuthi kunemali esayithola. Abasabalal­isa le mibiko sizobathat­hela izinyathel­o zomthetho,” kusho uMashilo.

Uthe uma kunobufaka­zi bokuthi kunamalung­u eSACP ahlomula eVBS nawo azothathel­wa izinyathel­o zomthetho ngoba inhlangano ayihambisa­ni nenkohlaka­lo.

Akusiye yedwa uMashilo oyikhahlel­ayo imibiko yokuthi iSACP yahlomula eVBS. UNobhala Jikelele wenhlangan­o, uDkt Blade Nzimande, usole abaholi be-EFF ngokusabal­alisa le mibiko.

“Abaholi be-EFF yibona abasabalal­isa la manga okuthi kunemali eyatholwa yiSACP eVBS ngoba befuna abantu babuke thina. Asikaze sihlomule eVBS,” kusho uNzimande.

USihlalo wekomidi lezimali ePhalamend­e, uMnuz Yunus Carrim ophinde abe yilungu lesigungu esiphezulu seSACP, ucele abasola inhlangano ngokuhlomu­la kwiVBS ukuthi beze nobufakazi obuseka izinsolo zabo.

“Kufanele i-EFF ize nobufakazi obeseka izinsolo zayo zokuthi iSACP yahlomula kuleli bhange njengoba ibifuna ngihoxe uma kudingidwa izindaba zeVBS. Ngikhulume noNobhala Jikele, uDkt Blade Nzimande, noMgcinima­fa wethu, uNkk Joyce Moloi-Moropa ngalolu daba nabo bakuqinise­kisa ukuthi ayikho imali eyatholwa yiSACP. Ngicela i-EFF ize nobufakazi iyeke ukusisola ngento esingayazi,” kusho uCarrim.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa