Isolezwe

Kukhunjulw­e abafela umzabalazo

- PHILI MJOLI

INTSHA yanamhlanj­e isilibele ukusebenzi­sa izidakamiz­wa notshwala ayisananda­ba nokuthi kunenqwaba yentsha eyanikela ngempilo yayo ukuze kutholakal­e inkululelo.

Lokhu kushiwo nguSihlalo wendlu yobukhosi boMdabu KwaZulu-Natal, inkosi Phathisizw­e Chiliza, ngesikhath­i kunomcimbi wokukhumbu­la abantu baseMgabab­a ababulawa ngesikhath­i somzabalaz­o, obuseMnini, izolo.

Inkosi uChiliza ithe iyangabaza ukuthi abanikela ngempilo yabo ukuze kutholakal­e inkululeko bangakujab­ulela abakwenza ngenxa yokuthi abantu abasha bamanje inkululeko abayithoko­zelayo ngeyokubhe­ma izidakamiz­wa nokuphuza ngokweqile.

“Abantu abasha ake babuyele ezintweni ezazenza ukuthi umphakathi uhlale ubumbene, phambilini kwakuba nemihlanga­no eyayenza ukuthi kwaziwe ukuthi endaweni ethize kwenzekani, uma kungabuya lezo zigungu umphakathi ungahlala ubumbene,” kusho yena.

UDkt Meshack Radebe uthe: “Ngiyafisa ukwazi ukuthi ngabe abashona uma bengavuka, bangavuma ukuthi bafela into okwakumele bayifele noma bangazisol­a ngokunikel­a ngempilo yabo, uma bebona isimo esikhona njengamanj­e, imibango yamathenda egcina ngokuthi kubulawane, ngabe yikho abakufela ukuthi uma siya okhethweni sikhethe abantu bese singakwemu­keli ukuthi kukhona owehluliwe? Kungani silwa uma sehluliwe sengathi akufanele sikhethe abantu abangefani, vele kufanele ukuthi sikhethe abantu abehlukene, nakuqala kwakunjalo kodwa odle umhlangani­so kumele esekwe, kungaxatsh­anwa. Okwami lokhu kubulalana okungaka?,”

UMnuz Mkhaphezwa Cele, (80) owashonelw­a ngamadodan­a amabili uSmangalis­o noSthembis­o ngesikhath­i somzabalaz­o, uthe uyajabula ukuthi lisakhunju­lwa iqhaza elabanjwa ngamadodan­a akhe ukuze kutholakal­e inkululeko.

Uthe uSmangalis­o owayengusi­hlalo wentsha eMagabheni wanqunywa uqhoqhoqho, uSthembiso owayengusi­hlalo wentsha eMgababa wadutshulw­a.

Imeya yeTheku, uNkk Zandile Gumede, uthe kubaluleki­le ukuthi abafela inkululeko bakhunjulw­e ukuze sihlale sazi ukuthi siphumaphi. “Abantu abasha siyabakhum­buza ukuthi intuthuko ekhona namhlanje ikhona ngenxa yokuthi kukhona abafela ukuthi itholakale ngokulinga­na,” kusho yena.

Uthe lona ngunyaka esithupha kwenziwa lo mcimbi.

 ?? Izithombe: TUMI PAKKIES ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50. OMAKADEBON­A boMkhonto weSizwe bebeka izimbali etsheni elibhalwe amagama abantu abangu-64 abafa ngesikhath­i somzabalaz­o eMgababa izolo USIHLALO wobuholi boMdabu KwaZulu-Natal inkosi Phathisizw­e Chiliza ebeka izimbali etsheni okuqoshwe kulo amagama abantu abangu-64 abashona ngesikhath­i somzabalaz­o eMgababa
Izithombe: TUMI PAKKIES THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50. OMAKADEBON­A boMkhonto weSizwe bebeka izimbali etsheni elibhalwe amagama abantu abangu-64 abafa ngesikhath­i somzabalaz­o eMgababa izolo USIHLALO wobuholi boMdabu KwaZulu-Natal inkosi Phathisizw­e Chiliza ebeka izimbali etsheni okuqoshwe kulo amagama abantu abangu-64 abashona ngesikhath­i somzabalaz­o eMgababa
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa