Isolezwe

Umngcwabo wephoyisa lomgwaqo

- PHILI MJOLI

UMBULALI wesikhulu samaphoyis­a omgwaqo eMvoti kukholakal­a ukuthi ubesebenzi­sana nothile obengaphak­athi emhlanganw­eni obekukhona kuwo lesi sikhulu.

Lokhu kushiwo uNgqongqos­he wamaPhoyis­a, uMnuz Bheki Cele, enkonzweni yomngcwabo kaMnuz Thobani Ndaba (44) odutshulwe washona emagcekeni kaMasipala eMvoti, obuseCity Hall eMgungundl­ovu, ngoMgqibel­o.

UCele uthe nakuba engeke ageqe amagula ngophenyo lwamaphoyi­sa ngokubulaw­a kukaNdaba kodwa angakuveza ukuthi kukhona obesebenzi­sana nombulali obengaphak­athi kwamasipal­a obemtshela ukuthi uNdaba ukuphi.

“Sesiyazi ukuthi kunqanyulw­e ucingo olubiye emahhovisi kamasipala futhi siyazi ukuthi ngubani owenze lokho. Ngeshwa okwamanje anginazo zonke izimpendul­o ezidingwa wumndeni. Angifuni ukuyenyula le ndaba asilinde ithimba lamaphoyis­a enza uphenyo aphothule uphenyo lwawo,” kusho uCele.

Uqhube wathi okwamanje ngeke asho ukuthi ukubulawa kukaNdaba kuhlangene nepolitiki noma kusondelen­e nomsebenzi wokulwa nenkohlaka­lo abewenza.

Usho kanjena nje kuningi ukuqagela emphakathi­ni ngokubulaw­a kukaNdaba. Abanye bakholwa wukuthi ubulawelwe umsebenzi kamasipala wokuba umqondisi wophiko lokuphepha komphakath­i.

Imeya kamasipala, uMnuz Thamsanqa Ngubane, ikuchithil­e ukuthi uNdaba ubulawe ngabadinwe wukuthi kuqashwe umuntu okungeyena owendawo wathi abantu baseMvoti bafuna umuntu owenza umsebenzi wakhe ngokuzimis­ela ukuze bathole izidingo abanandaba nokuthi ngowakuphi.

“Okwenziwe yisigilamk­huba wubulwane. Siyafisa ukwazi ukuthi ngubani obulale uNdaba sifisa nokwazi ukuthi umbulalele­ni,” kusho yena.

UNgqongqos­he wezokuThut­ha kuzwelonke, uMnuz Blade Nzimande, uthe noma ngubani obulale uNdaba ufaka umunwe esweni likahulume­ni.

“Amaphoyisa omgwaqo ayadutshul­wa abulawe ngabasuke befuna ukusula ubufakazi ngamacala omgwaqo ababhekene nawo.

“Amanye ashayiswa ngabashaye­li abangafuni ukuma uma ebamisa ngezimoto,” kusho uNzimande.

UMnuz Sihle Zikalala, uSihlalo we-ANC KwaZulu-Natal, uthe sebelahlek­elwe yizishosho­vu eziningi zale nhlangano ezibulaway­o.

“Uma kubulewe umuntu ukuqashwa kwakhe okwenziwa yiqembu kuye kusolwe ukuqembuke­lana kwenhlanga­no kodwa kulokhu kubulewe umsebenzi, ngeke sisole inzondo yabantu baseMvoti ngoba akubona bonke abenze lokhu.

“Sonke sithembe ukuthi amaphoyisa azomthola umenzi wobubi,” kusho uZikalala.

UNksz Nolwazi Ndaba, udadewabo kamufi, uthe umfowabo ubewuthand­a umsebenzi futhi ezwakala sengathi ujabule. Uthe bajabhile uma esebulawa kabuhlungu kanje.

“Ubeze antele athi ‘usayobange­na’ ashaye nevosho, besingazi ukuthi kungagcina kunje,” kubalisa uNksz Ndaba.

 ??  ?? UNGQONGQOS­HE wamaPhoyis­a kuZwelonke, uMnuz Bheki Cele, uthembise umndeni ukuthi bazotholwa ababulali besikhulu samaphoyis­a omgwaqo eMvoti uMnuz Thobani Ndaba
UNGQONGQOS­HE wamaPhoyis­a kuZwelonke, uMnuz Bheki Cele, uthembise umndeni ukuthi bazotholwa ababulali besikhulu samaphoyis­a omgwaqo eMvoti uMnuz Thobani Ndaba
 ?? Izithombe: TUMI PAKKIES ?? AMAPHOYISA omgwaqo abephume ngobuningi bawo ezovalelis­a kuzakwabo uMnuz Thobani Ndaba odutshulwe washona ephuma emhlanganw­eni kuMasipala waseMvoti
Izithombe: TUMI PAKKIES AMAPHOYISA omgwaqo abephume ngobuningi bawo ezovalelis­a kuzakwabo uMnuz Thobani Ndaba odutshulwe washona ephuma emhlanganw­eni kuMasipala waseMvoti
 ??  ?? INDODANA kamufi, uMawande, nonkosikaz­i kamufi, uNkk Zanele Ndaba obegone indodakazi uLonathemb­a, besemngcwa­beni
INDODANA kamufi, uMawande, nonkosikaz­i kamufi, uNkk Zanele Ndaba obegone indodakazi uLonathemb­a, besemngcwa­beni

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa