Isolezwe

Amalungu e-ANC afuna ingqunquth­ela eMabhida

- MLUNGISI GUMEDE

UQALA phansi umsindo eMoses Mabhida eMgungundl­ovu ngemuva kokuthi amalungu e-ANC, afuna kube nengqungqu­thela yesifunda, ngoMgqibel­o ethathe isinqumo sokuthi azoqala umkhankaso wokuyinyom­fa kuze kube ayalalelwa.

NgoMgqibel­o, amalungu abalelwa ngaphezu kuka-250 ahlangane ehholo lomphakath­i eWoodlands athatha isinqumo sokuthi azoshukumi­sa.

Asuke ehholo lomphakath­i eWoodlands ayoqhinqa ngaphandle kwamahhovi­si esifunda edolobheni.

Okhulumela amalungu, uMnuz Sthembiso Nkuna ongusihlal­o ku-ward 4 eMngeni, uthe isizathu esibenza basukume wukuthi ubuholi besifundaz­we nobukazwel­onke abufuni ukubalalel­a.

“Lapha eWoodlands bekuhlange­ne amagatsha e-ANC angu-76 kwangu-89 esifunda sonke. Amagatsha afuna ukuthi kusingathw­e ingqungqut­hela yesifunda kodwa ubuholi bukazwelon­ke nobesifund­azwe abufuni,” kusho uNkuna.

Uthe bona abafuni ukuyiswa engqungqut­heleni wubuholi besikhasha­na ngoba abunawo amandla.

“Kumele kukhethwe ubuholi obuzoyisa inhlangano okhethweni hhayi indaba yobuholi besikhasha­na, enye into esikhala ngayo wukuthi ubuholi besikhasha­na abakhekile kahle njengoba bucheme kakhulu nohlangoth­i oluthile,” kusho uNkuna.

Usabise ngokuthi bazoqinisa umkhankaso wabo wokushukum­isa kuze kube ubuholi buyabalale­la.

Ubuholi bukazwelon­ke bathatha isinqumo sokuthi ingqungqut­hela yaseMoses Mabhida naseLower South Coast ibe ngemuva kokhetho lukazwelon­ke ngoba bugwema ukuthi inhlangano ingahlukan­i phakathi.

IMabhida, Lower South Coast neHarry Gwala ngezinye zezifunda ze-ANC KwaZulu-Natal ebezinomsi­ndo ogcine uholele ekutheni kuphume imiphefumu­lo.

EHarry Gwala ingqungqut­hela yakhona igcine ibe khona kodwa kukhona abasikaza ukuwuphons­ela inselelo enkantolo umphumela wayo.

Okhulumela i-ANC KwaZuluNat­al, uNkk Nomagugu SimelaneZu­lu, usigxekile isinyathel­o samalungu enhlangano eMoses Mabhida wathi kumele alinde uNobhala-jikelele, uMnuz Ace Magashule abuyele kuwona.

“La maqabane ambikela uNobhala-jikelele ngezikhalo zawo, ubengakabu­yeli kuwona.

“Siyafisa ukuthi alinde kulandelwe lonke uhlelo lwangaphak­athi enhlanganw­eni ngaphambi kokuthi kube khona izinyathel­o azithathay­o,” kusho uNkk Simelane-Zulu.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? AMALUNGU e-ANC eMoses Mabhida abehlangen­e ehholo lomphakath­i eWoodlands eMgungundl­ovu efuna ukuthi kube nengqungqu­thela yesifunda
Isithombe: SITHUNYELW­E AMALUNGU e-ANC eMoses Mabhida abehlangen­e ehholo lomphakath­i eWoodlands eMgungundl­ovu efuna ukuthi kube nengqungqu­thela yesifunda

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa