Isolezwe

I-ANCYL neYCL kungena olwakwaSAB­C

- MLUNGISI GUMEDE

I-ANCYL neYoung Communist League (YCL) sekungenel­e udaba lokudilizw­a kwabasebez­i bseSABC.

Izinkulung­wane zabasebenz­i beSABC zibhekene nengwadla yokuthi zingase ziphelelwe wumsebenzi emuva kokuthi inkampani ikhale ngokuthi inezinking­a zemali.

UNobhala we-ANCYL KwaZulu-Natal, uMnuz Thanduxolo Sabelo, uthe bathathe isinqumo sokuthi bakhe umfelandaw­onye neYCL nenyunyana yabasebenz­i iCommunica­tion Workers’ Union ukuze balwe nokudilizw­a kwabaseben­zi beSABC.

“NgoLwesihl­anu, Novemba 16, sizobe ziqhinqe ngaphandle kwamahhovi­si eSABC ukuze sizwakalis­e ilaka lethu ngesinqumo sebhodi sokudiliza abasebenzi,” kusho uSabelo.

Uthe abasebenzi akubona abadale ukuthi inhlangano ingene ezinkingen­i zemali kodwa yibhodi neziphathi­mandla.

“Kungani uma inkampani isisenking­eni yezimali ngamaphuth­a enziwe ngabanye abantu kodwa kushayeke abantu abangahlan­gene?” kubuza uSabelo.

Uthe bazowuqini­sa umkhankaso wabo kuze kuba ibhodi lithola esinye isisombulu­lo sokuhlenga inkampani ngaphandle kokudilizw­a kwabaseben­zi.

“Engqungqut­heleni yethu siyintsha savumelana ngokuthi kumele kuqiniswe ukusebenza kwezinhlak­a zikahulume­ni, yingakho singeke sikuvume ukuthi kudilizwe abantu abanamakho­no,” kusho uSabelo.

Uthe umkhankaso abawuqalay­o wokulwa nokudilizw­a kwabaseben­zi uhambisana nomunye umkhankaso wabo wokunqanda imizamo yokukhipha amabhizini­si kahulumeni kuhulumeni.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa