Isolezwe

Uboshwe esekubhace­ni obefunwa ngecala lokubulala intombi

- NONTUTHUKO NGUBANE

ZIMKHALELE esebhace eMpumalang­a owesilisa obefunwa ngecala lokubulala intombi, athumbe nengane yakhe.

Umsolwa oneminyaka engu-33 uzovela enkantolo yaseMahlab­athini namhlanje ngecala lokubulala owayeyinto­mbi yakhe uNksz Mbalenhle “Mbali” Njoko (24).

UNksz Njoko wabulawa kubo oKhukho eMahlabath­ini ngo-Okthoba 15 nonyaka.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbele, uthe uzobhekana necala lokubulala.

“Umsolwa oneminyaka engu-33 uboshelwe icala lokubulala. Uzovela enkantolo yaseMahlab­athini kusasa (namhlanje),” kusho uCol Mbele.

lithole ngomthombo osondelene nalolu daba ukuthi umsolwa ubesebhace eMpumalang­a ngesikhath­i eboshwa.

Amaphoyisa kuthiwa athole ulwazi ngokuthi ukephi abe esenikela khona ngempelaso­nto. Abuye naye wabe esethweswa amacala esiteshini saseMahlab­athini.

UNksz Njoko kuthiwa bese kuphele iminyaka engu-10 ethandana nomsolwa.

Kuthiwa waqoma umsolwa ngosiko lokumisa iduku efunda uGrade 11.

Isolezwe lathola kunina kamufi uNkk Dudu Njoko ukuthi indodakazi yakhe yabe isihlukene nomsolwa nabacabang­a ukuthi yikona okwamcasul­a.

Umsolwa kuthiwa ubengafuni ukwamukela ukuthi sebehluken­e.

Ngelanga lesigameko wafika kubo kamufi wahlala nabafowabo bakamufi. Ube esethi uyobingele­la umufi endlini yakhe.

Umufi wayehlezi nendodana yakhe eneminyaka emihlanu.

Umsolwa kuthiwa wafika endlini wadubula umufi kubuka ingane yabo.

Kuthiwa kwathi esephuma kule ndlu adubulela kuyona owayeyinto­mbi yakhe ingane yabo yamlandela ifuna isibhamu adubule ngaso unina.

Umsolwa kuthiwa wagcina eyithatha ingane yabo wahamba nayo.

Ingane yatholwa ehlathini isifunwa amaphoyisa.

Umsolwa kuthiwa uboshiwe kwabe sekutholak­ala nesibhamu okukholaka­la ukuthi sasetshenz­iswa kuleli cala.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa