Uboshwe esekubhaceni obefunwa ngecala lokubulala intombi
ZIMKHALELE esebhace eMpumalanga owesilisa obefunwa ngecala lokubulala intombi, athumbe nengane yakhe.
Umsolwa oneminyaka engu-33 uzovela enkantolo yaseMahlabathini namhlanje ngecala lokubulala owayeyintombi yakhe uNksz Mbalenhle “Mbali” Njoko (24).
UNksz Njoko wabulawa kubo oKhukho eMahlabathini ngo-Okthoba 15 nonyaka.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbele, uthe uzobhekana necala lokubulala.
“Umsolwa oneminyaka engu-33 uboshelwe icala lokubulala. Uzovela enkantolo yaseMahlabathini kusasa (namhlanje),” kusho uCol Mbele.
lithole ngomthombo osondelene nalolu daba ukuthi umsolwa ubesebhace eMpumalanga ngesikhathi eboshwa.
Amaphoyisa kuthiwa athole ulwazi ngokuthi ukephi abe esenikela khona ngempelasonto. Abuye naye wabe esethweswa amacala esiteshini saseMahlabathini.
UNksz Njoko kuthiwa bese kuphele iminyaka engu-10 ethandana nomsolwa.
Kuthiwa waqoma umsolwa ngosiko lokumisa iduku efunda uGrade 11.
Isolezwe lathola kunina kamufi uNkk Dudu Njoko ukuthi indodakazi yakhe yabe isihlukene nomsolwa nabacabanga ukuthi yikona okwamcasula.
Umsolwa kuthiwa ubengafuni ukwamukela ukuthi sebehlukene.
Ngelanga lesigameko wafika kubo kamufi wahlala nabafowabo bakamufi. Ube esethi uyobingelela umufi endlini yakhe.
Umufi wayehlezi nendodana yakhe eneminyaka emihlanu.
Umsolwa kuthiwa wafika endlini wadubula umufi kubuka ingane yabo.
Kuthiwa kwathi esephuma kule ndlu adubulela kuyona owayeyintombi yakhe ingane yabo yamlandela ifuna isibhamu adubule ngaso unina.
Umsolwa kuthiwa wagcina eyithatha ingane yabo wahamba nayo.
Ingane yatholwa ehlathini isifunwa amaphoyisa.
Umsolwa kuthiwa uboshiwe kwabe sekutholakala nesibhamu okukholakala ukuthi sasetshenziswa kuleli cala.