Batokile abasolwa ecaleni lokubulala
UVELE eNkantolo yeMantshi yaKwaDukuza ngoLwesihlanu owesifazane osolwa ngecala lokubulala, ukuzama ukubulala nokuthumba. Icala likaNksz Thandiwe Nomusa Masinga (49) nabesilisa abane aboshwe nabo lihlehliselwe uLwesithathu kuleli sonto. Bagcinwe ezitokisini. Kuyasolakala ukuthi ngoMeyi nonyaka abamangalelwa baya emzini othile eBulwer Farm bafike bathatha abesilisa ababili.
Abesilisa kuthiwa bagencwa ngocelemba, bagwazwa ngemikhonto baphinde bashaywa ngezinduku kwaze kwashona uMnuz Lungisani Buthelezi (18), omunye wesilisa ayenaye wabaleka elimele kanzima.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbele, uthe ngemuva kwalesi sigameko kwabe sekuvulwa icala lokubulala, ukuzama ukubulala nokuthumba esiteshini samaphoysa eNewark.
“Amaphoyisa asebenze ubusuku nemini ephenya lolu daba nokuthe ezinyangeni ezimbili ezedlule abamba abesilisa abane iminyaka yabo ephakathi kuka-19 no-43, bayiswa enkantolo namanje abasagcinwe ezitokisini. Uphenyo lwamaphoyisa luqhubekile lwaholela ekutheni kuboshwe owesifazane obesebalekile endaweni,” kusho uColonel Mbele.
Uthe abamangalelwa bebesola ukuthi abagilwa bebenza ubugebengu endaweni kodwa amaphoyisa awekho amacala awatholile okuvela ukuthi bawenza.
“Izenzo zokuzibambela kwabasolwa ngokwephula umthetho ngeke zize zamukelwe kulesi sifundazwe. Abantu bayanxuswa ukuthi bazibikele amaphoyisa izenzo zobugebengu,” kusho uColonel Mbele.