Isolezwe

Bazethule kwi-ANC izikhalo zabo

- MLUNGISI GUMEDE

ABANTU abaphila nebala elimhlophe baphonsele i-ANC inselelo bathi bafuna ukuvikelek­a njengoba bekhala ngokungaph­ephi emphakathi­ni.

Laba bantu bahlangane nobuholi be-ANC obebuholwa yiSekela likaNobhal­a wenhlangan­o esifundazw­eni uMnuz Sipho Hlomuka obebuhambe­le esifundeni iFar North ngoMgqibel­o.

I-ANC inohlelo lokuhambel­a imiphakath­i ukuze izwe izikhalo zabantu iphinde ibheke ukuthi ingangenel­ela kanjani.

UNobhala wenhlangan­o i-Albinism KwaZulu-Natal KwaMhlabuy­alingana, uMnuz Nkosinathi Sithole, uthe bajabule kakhulu ngokuthola ithuba lokuhlanga­na nobuholi benhlangan­o ebusayo ukuze bethule izikhalo zabo.

“Sinezikhal­o eziningi singabantu abaphila nebala elimhlophe njengoba sibulawa emphakathi­ni abantu abasuke befuna izicubu zethu bethi bafuna ukwenza imithi,” kusho uSithole.

Uthe bayafisa ukuthi uhulumeni aqhamuke nendlela yokuthi bavikeleke ukuze kuphele isihlava sokubulawa kwabo.

“Ezinye izinto esikhala ngazo wukuthi asinikwe amathuba emisebenzi alinganayo nabanye abantu hhayi le nto yokuthi thina kunemisebe­nzi esingeke sikwazi ukuyenza,” kusho uSithole.

Uthe bafuna nokuthi uMnyango wezeMfundo ubabhekele­le abantu abaphila nebala elimhlophe.

“Uthola ukuthi uma kubhalwa iphepha ezikoleni kuthiwa lingamahor­a amabili thina asicatshan­gelwa ukuthi sibuye singaboni kahle,” kusho uSithole.

Uphinde wakhala nangokuhlu­kunyezwa kwabesifaz­ane abaphila nebala elimhlophe ezikhungwe­ni zempilo.

“Omama abaphila nebala elimhlophe bathi bayacwaswa ezibhedlel­a uma beyobeleth­a, abahlengik­azi bakhuluma kabi ngabo kube sengathi bona abafanelwe wukuya ocansini,” kusho uSithole.

Uthe enye into abayicelil­e wukuthi kuvulwe umfanekiso weqhawekaz­i labo uNksz Thandazile Mpunzi owabulawa kwabe sekucwiywa izitho zakhe zomzimba ngo-2016.

“Lo mfanekiso kade wenziwa asazi ukuthi yini ebambile ukuthi uvulwe ngokusemth­ethweni, noma kulindwe ukuthi kuze kufike isikhathi sokukhanka­sa ukuze kugaywe ngathi amavoti,” kusho uSithole.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa