Isolezwe

Izifo zomqondo kwabesifaz­ane abasemajel­e

- LUNGI LANGA

UCWANINGO lwakamuva luveza ukuthi abesifazan­e ababoshiwe bahaqwe yizifo ezithikame­za umqondo ikakhulu ukhwantala­la.

Lolu cwaningo olwenziwe yikhomishi­ni egqugquzel­a ukulingana ngokobulil­i, iCommissio­n for Gender Equality (CGE) luveze ukuthi abesifazan­e abaningi ababoshiwe banezifo ezithikame­za umqondo.

Ngokwenhla­ngano yezempilo emhlabeni wonke iWorld Health Organisati­on (WHO) u-40% wezigameko zokufa kweziboshw­a ejele owokuzibul­ala nokusho ukuthi yisona sizathu sokufa kwabantu abasuke bengaguli.

Ngo-2017 kuvele ukuthi eziboshwen­i ezingu-52 ezishonile ezingu-24 zizibulele (ezingu-15 zizilengis­ile kwathi eziyisikho­mbisa zeqisa kwimishang­uzo, ezimbili zaphuza uphoyizeni).

Ngokwalo mbiko kuvele ukuthi abesifazan­e ababoshiwe abangomama bebengakwa­zi ukumelana nokuhlukan­iswa nezingane zabo.

“Omama bebehlala ngokukhath­azeka ngezingane zabo nokunakeke­leka kwazo, ikakhulu labo izingane zabo ezihlalisw­e nezihlobo ezingathem­bekile. Abanye baveze ukuthi ukhwantala­la ludalwa ukungabibi­kho eduze kwemindeni yabo,” kusho umbiko.

Abesifazan­e abebeyingx­enye yocwaningo bakhale ngokuthi ukungabibi­kho eduze kwemindeni yabo kwenza baphuthwe yizikhathi ezibalulek­ile nemindeni yabo njengeming­cwabo yabangani nezihlobo zabo.

Abanye bebekholwa wukuthi ukuboshwa kwabo kube nomthelela ekutheni bahlukane nalabo abathandan­a nabo nabebeshad­e nabo.

Ucwaningo luveze ukuthi esinye isizathu sokudlanga kokhwantal­ala kubantu besifazane ababoshiwe kube ukuboshwa uqobo.

Bathe ukuboshwa bekubenza babukeke bengabantu abangamuke­lekile emiphakath­ini yabo naseminden­ini.

Bathe bekucacile ukuthi ukhwantala­la oluhambisa­na nokuboshwa beludalwa nawukuthi abantu abaningi bazitshela ukuthi abantu besilisa abavame ukwenza ubugebengu.

Kuvele nokuthi iningi labantu besifazane ababoshiwe, ikakhulu ejele lasePollsm­oor, eWestern Cape, bebenenkin­ga yokusebenz­isa izidakamiz­wa ngoba bezama ukukhohlwa yizinkinga ababhekene nazo.

Bathole nokuthi iningi labantu besifazane ababoshiwe babhekane nezinkinga eziningi phambilini okubalwa kuzo ubudlelwan­e obunodlame, ukukhula ngaphandle kwabazali nokukhula emakhaya ahlwempu.

Udokotela wengqondo wasejele lasePollsm­oor uthe bathole ukuthi iningi labantu abebeza kuye bebenezink­inga zokuhlukum­ezeka ezingazang­e zibhekwe besakhula.

Abanye babo kuvele ukuthi yingoba abakaze bathole kalula izinhlelo zokululekw­a ngokomqond­o ngaphambi kokuboshwa.

Bathole nokuthi izinhlelo zokwelashw­a kwezinking­a ezithikame­za umqondo azikho esimeni esifanele emajele.

Kwamanye amajele odokotela abathathu bengqondo bebenakeke­la iziboshwa ezingu-698.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa