Sekuyisikhathi sokuthuthukisa iqembu labesifazane
ISINQUMO seSouth African Foofball Association (Safa) sokugqugquzela iBanyana Banyana ukuthi ifinyelele kwiNdebe yoMhlaba yabesifazane engonyaka ozayo kumele sishayelwe ihlombe.
Nokho lezi zigidi ezithenjiswa iBanyana zifana nento engekho uma kubhekwa ukuthi alihlonishawa kangakanani ibhola labesifazane. IBanyana ibukeka idlala kangcono kakhulu uma iqhathaniswa neBafana Bafana ebuye ishaye udaka emidlalweni ebalulekile. Nokho okuhlalukayo wukuthi iBafana ihlomula kakhulu ngokwemali uma iqhathaniswa neqembu labesimame.
IBanyana kumele iqede emaqenjini amathathu aphezulu kwi-African Womens Championship eqala ngempelasonto ukuze iye kwiNdebe yoMhlaba. Iqembu lakuleli alikaze lilubhade kwiNdebe yoMhlaba yabesifazane kanti leli yithuba elingcono lokwenza lokho njengoba lisanda kuwina iCosafa Cup ebidlalelwa ePort Elizabeth.
Okuhlalukayo wukuthi iBanyana ilikhuphulile izinga kulezi zinyanga ezimbalwa ezedlule ngaphansi komqeqeshi uDesiree Ellis. ISafa isanda kuthembisa ukuthi izosungula iligi yabesifazane ekhokhelayo ngo-Ephreli wonyaka ozayo okuyinto okungakabi naso isiqiniseko sayo njengoba libukelwa phansi ibhola labesifazane eNingizimu Afrika.
Njengamanje abesifazane bayadlala nje kodwa akukho ukuxhaswa okwanele abakutholayo. Phezu kwakho konke lokho iSafa ihlale ingacacisi uma kukhulunywa ngokukhokhela imali esile abadlali besifazane kodwa noma kungathiwa bashaya udaka olunjani abeBafana bahlale bethola imali engcono.
IBanyana ibhekene nenkinga njengoba eqoqweni layo kukhona iNigeria okwaziwayo ukuthi iwuhlupho emaqenjini aseNingizimi Afrika uma kukhulunywa ngonobhutshuzwayo. La maqembu azodlalala umdlalo wokuvula ngeSonto lapho kulindeleke ukuthi kushunqe khona uthuli.
Sekuyisikhathi sokuthi iSafa izinikele ekuthuthukiseni ibhola labesifazane njengoba yenza eqenjini lesizwe iBafana. Kuhle impela ukuthi kukhona abakuthembise iBanyana ukuze izibekisele indawo kwiNdebe yoMhlaba okokuqala kodwa kumele imali ebekwayo ibe ngocno kunale abayithembisile. Iqembu lesizwe labesimame akumele lithathwe kancane bese kubhekelelwa iBafana kuphela.