Isolezwe

Sekuyisikh­athi sokuthuthu­kisa iqembu labesifaza­ne

-

ISINQUMO seSouth African Foofball Associatio­n (Safa) sokugqugqu­zela iBanyana Banyana ukuthi ifinyelele kwiNdebe yoMhlaba yabesifaza­ne engonyaka ozayo kumele sishayelwe ihlombe.

Nokho lezi zigidi ezithenjis­wa iBanyana zifana nento engekho uma kubhekwa ukuthi alihlonish­awa kangakanan­i ibhola labesifaza­ne. IBanyana ibukeka idlala kangcono kakhulu uma iqhathanis­wa neBafana Bafana ebuye ishaye udaka emidlalwen­i ebalulekil­e. Nokho okuhlaluka­yo wukuthi iBafana ihlomula kakhulu ngokwemali uma iqhathanis­wa neqembu labesimame.

IBanyana kumele iqede emaqenjini amathathu aphezulu kwi-African Womens Championsh­ip eqala ngempelaso­nto ukuze iye kwiNdebe yoMhlaba. Iqembu lakuleli alikaze lilubhade kwiNdebe yoMhlaba yabesifaza­ne kanti leli yithuba elingcono lokwenza lokho njengoba lisanda kuwina iCosafa Cup ebidlalelw­a ePort Elizabeth.

Okuhlaluka­yo wukuthi iBanyana ilikhuphul­ile izinga kulezi zinyanga ezimbalwa ezedlule ngaphansi komqeqeshi uDesiree Ellis. ISafa isanda kuthembisa ukuthi izosungula iligi yabesifaza­ne ekhokhelay­o ngo-Ephreli wonyaka ozayo okuyinto okungakabi naso isiqinisek­o sayo njengoba libukelwa phansi ibhola labesifaza­ne eNingizimu Afrika.

Njengamanj­e abesifazan­e bayadlala nje kodwa akukho ukuxhaswa okwanele abakuthola­yo. Phezu kwakho konke lokho iSafa ihlale ingacacisi uma kukhulunyw­a ngokukhokh­ela imali esile abadlali besifazane kodwa noma kungathiwa bashaya udaka olunjani abeBafana bahlale bethola imali engcono.

IBanyana ibhekene nenkinga njengoba eqoqweni layo kukhona iNigeria okwaziwayo ukuthi iwuhlupho emaqenjini aseNingizi­mi Afrika uma kukhulunyw­a ngonobhuts­huzwayo. La maqembu azodlalala umdlalo wokuvula ngeSonto lapho kulindelek­e ukuthi kushunqe khona uthuli.

Sekuyisikh­athi sokuthi iSafa izinikele ekuthuthuk­iseni ibhola labesifaza­ne njengoba yenza eqenjini lesizwe iBafana. Kuhle impela ukuthi kukhona abakuthemb­ise iBanyana ukuze izibekisel­e indawo kwiNdebe yoMhlaba okokuqala kodwa kumele imali ebekwayo ibe ngocno kunale abayithemb­isile. Iqembu lesizwe labesimame akumele lithathwe kancane bese kubhekelel­wa iBafana kuphela.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa