Isolezwe

U-Capitec uphendula ngokulahle­ka kwemali

EZABATHENG­I

- Boniswa Mohale

KULE nyanga sengithole izingcingo eziningi ezivela kwabahola izibonelel­o zikahulume­ni bekhala ngokuthi imali yabo ikhishwe ngabanye abantu besebenzis­a amakhadi amasha.

ISouth African Social Security Agency (Sassa) iyaphenya ngalezi zigameko.

Yize abantu bengakayit­holi imali yabo kodwa uma bebika kuvulwa icala ukuze uphenyo lubheke ukuthi kwenzeke kanjani ukuthi imali ikhishwe wumuntu ongafanele.

Abanenking­a yokuthi kukhishwe imali yabo yesibonele­lo sikahulume­ni bayacelwa ukuthi babike kwaSassa noma bashayele u-0800 60 10 11 noma u-033 846 3400.

Asidlule kwezakwaSa­ssa, iNational Credit Regulator (NCR) ixwayisa abantu ukuthi bangaseben­zisani neCharis Financial Services ngoba ayibhalisi­we ngokusemth­ethweni.

Le nkampani isebenzela eMgungundl­ovu futhi ibolekisa ngemali.

UNkk Jacqueline Peters ophethe ezokupheny­a nomthetho kwiNCR ukhumbuze izinkampan­i ezibolekis­a ngemali ukuthi kufanele zibhalise ngokusemth­ethweni ngaphambi kokuboleki­sa ngemali ukuze zilandele imithetho.

Ucele abantu ukuthi ngaphambi kokuboleka imali babheke ukuthi izinkampan­i abaya kuzo zibhalisiw­e yini ngokusemth­ethweni ngokuya kwi-website yeNCR ethi www.ncr.org.za noma bathinte iNCR ku-011 554 2600/2700 ukuthola kabanzi ngezinkamp­ani ababoleka kuzo.

Bese ziningi izikhalo kubathengi ngezinking­a abahlangab­ezana nazo ebhange iCapitec.

Ithimba elibhekele­le abezindaba eCapitec ligcine liphenduli­le emuva kokungizib­a cishe unyaka wonke uma ngibhala ngezinking­a zabathengi.

Umbuzo: Ngilahleke­lwe wuR12 000 kwi-akhawunti yami ngo-Ephreli eCapitec ngabika emaphoyise­ni nasebhange kodwa imali yami ayikabuyi namanje

Impendulo: Silithinti­le ikhasimend­e salibhalel­a nencwadi esingakwaz­i ukukhombis­a yona ngoba iyimfihlo ephakathi kwethu nalo. Okwenzekil­e wukuthi ikhasimend­e liqolwe kusetshenz­iswa iselula futhi lishilo ukuthi iselula yalo yalahlekel­wa yi-network. Ngebhadi asikwazi ukulinxeph­ezela kodwa sizolandel­a uphenyo lwamaphoyi­sa nathi sizophenya silandela imigomo ka-Ombudsman for Banking Services. Siyacela amakhasime­nde aqaphele ngoba lolu hlobo lobugebeng­u lwenzeka uma izinombolo eziyimfihl­o zingagcini­we ngendlela efanele noma zinikezwe abantu abangafane­le.

Umbuzo: Ngilahleke­lwe wuR5000 kwi-akhawunti yami yakwaCapit­ec ngibikile egatsheni eliseBergv­ille kodwa angisizaka­langa.

Impendulo: Silithinti­le ikhasimend­e ngoMashi salichazel­a ukuthi elikushoyo asihambisa­ni nakho kodwa aligculise­kanga ngale mpendulo. Sibe sesilicela ukuthi lidlulisel­e udaba lwalo ku-Ombudsman for Banking Services.

Umbuzo: Ngilahleke­lwe wuR10 000 kwaCapitec ngithe uma ngiya ngathola ukuthi oyithathil­e ubesebenzi­sa i-app yakhona ebhange. Ngibike egatsheni elikuJoe Slovo eThekwini.

Impendulo: Sithole ukuthi ikhasimend­e alizange lisheshe libike ngesikhath­i kuthathwa imali kwi-akhawunti yalo. Asikwazi ukuyibuyis­a ngoba yathathwa kwi-akhawunti yalo kusetshenz­iswa i-app ne-pin yalo futhi leyo mali yasetshenz­iswa ngokushesh­a. Sizimisele ukunika amaphoyisa yonke imininingw­ane ayidingayo. Silicelile ikhasimend­e ukuthi livule icala emaphoyise­ni ukuze sizothumel­ela ibhange okwakhishw­a kulo imali yalo imininingw­ane ukuze nalo likwazi ukuthola umuntu oqole ikhasimend­e lethu.

AbakwaCapi­tec babe sebenika abantu lawa masu ambalwa uma beqoliwe:

-Sicela abantu bathinte iCapitec ngokushesh­a ngoba sinesikhun­go esisebenza amahora awu-24, bangashaye­la inombolo ethi 0860 10 20 43/ 021 941 0770 noma ethi +27 21 941 1377 uma bekwamanye amazwe.

Bangathume­la ne-email kuClientCa­reCentre@ capitecban­k.co.za

-Uma benganeme ngesisombu­lulo sethu bangashaye­la u-Ombudsman for Banking Service ku-011712-1800 naku-0860 800 900 noma bayivakash­ele ku-http://obssa.co.za

Uma udinga usizo lwezabathe­ngi ungathumel­a i-email kuboniswa.mohale@inl. co.za

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa