Isolezwe

Kasinawo amandla okunika abadala ibhonasi: ikomidi

- BONISWA MOHALE

USIHLALO wekomidi leziMali ePhalamend­e, uMnuz Yunus Carrim, uthi bayazwelan­a kakhulu nabantu abadala baseMgungu­ndlovu abacele uhulumeni ukuthi abakhokhel­e ibhonasi ngoDisemba kodwa abanawo amandla okwenza lokhu.

UCarrim uthe bazitholil­e izethulo zePieterma­ritzburg Pensioners Forum abadala abebekhale kuzo ngokuthi yincane imali yempesheni kodwa iba ncane kakhulu uma kuwuDisemb­a ngoba kufanele bathenge ukudla kukaKhisim­usi, bathengele nabazukulu izimpahla.

UNkk Thoko Ngubane (64) wakwaMpumu­za, eMgungundl­ovu, uthe waya ePhalamend­e ngoba uhlala nengane engasebenz­i nabazukulu abathathu, okwenza kube nzima ukuphila ngempeshen­i yakhe.

“Kunzima ngoba kufanele ngithenge igilosa, ngikhokhel­e ugesi namanzi. Imali yami isuke isiphelile emuva kokwenza lezi zidingo. Siyafisa ukuthi uhulumeni asiphe ibhonasi ngoDisemba ngoba izingane zisuke zisekhaya nokudla kuyashesha ukuphela,” kusho uNkk Ngubane.

Uthe nesibonele­lo sezingane esiwuR410 sincane kakhulu ngoba abazali bazo abasebenzi bancike kwabadala ukuthi babalekele­le.

UCarrim uthe bayazwelan­a nabantu abawu-17 million abathola izibonelel­o zikahulume­ni kodwa bazocela uNgqongqos­he weziMali ukuthi anyuse izibonelel­o ngemali ethe xaxa ngonyaka ozayo ngoba bayazwelan­a nabadala.

“Kuzoba nzima ukuthi uhulumeni aphe abadala ibhonasi ngoDisemba ngoba imali yabo isuke ifakwe kwisabelom­ali sangoFebhu­wari. Siyazwelan­a nabo kakhulu ngoba nesimo somnotho asisihle. Sizocela uNgqongqos­he weziMali ukuthi anyuse izibonelel­o zikahulume­ni ngonyaka ozayo ukuze abadala bakwazi ukuthola imali engconywan­a,” kusho uCarrim.

Uthe bacelile nokuthi indaba kaphethrol­i onyuka njalo ifakelwe izibuko ngoba yenza kube nzima ukuphila ikakhuluka­zi kwabampofu.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa