Isolezwe

Injabulo etakulwa ngomlenze oxhunywayo

- ZANELE MTHETHWA

AWUKAKHOLW­A umndeni wesalukazi saseNanda esinikelel­we umlenze kaR70 000 ngusomabhi­zinisi odume ngokupheke­la imicimbi, obese kuphele iminyaka emibili singakwazi ukuhamba.

Umndeni kaNkk Ntombi Hlongwane (63) waseNewtow­n A, eNanda ubonga isihe sikaNkk Nto Majozi weNto’s Catering owathintek­a ngenyanga edlule emenywe esontweni okusonta kulo uNkk Hlongwane.

UNkk Majozi kuthiwa wayemenywe ukuzokhulu­ma nabesifaza­ne emcimbini wabo eNational Baptist Church eMlaza, wathinteka ebona uNkk Hlongwane.

Indodakazi yakhe uNksz Zethu Hlongwane ithe unina kungathi uyaphupha njengoba usezoziham­bela ngemuva kokusebenz­isa isihlalo esinamason­do.

“Umama unoshukela, kwatholaka­la ngo-2016 ukuthi umlenze unophoyize­ni kumele anqunywe. Wanqunywa kusuka edolweni, obekwenza kube nzima ngoba usemdala futhi mkhulu ngomzimba.

“Ubevele engasebenz­i, ubaba engunogada naye kwadingeka ayeke umsebenzi ukuze anakekele umama,” kuchaza uNksz Hlongwane.

Uthe nabo babengakho­lwa ngesikhath­i uNksz Majozi ethi uzomnikele­la ngomlenze. Kumanje uNksz Hlongwane uqeqeshelw­a ukuhamba ngomlenze wokufakelw­a eMhlanga Medical Centre.

“Odokotela bathe kumele awujwayele ukuze akwazi ukuzihambe­la ngawo. Sicabanga ukuthi kuzophela le nyanga esehamba ngawo ngoba sesiwuboni­le, kwakhokhel­wa zonke izindleko.

“Siyabona kwakuyiceb­o likaNkulun­kulu ukuthi kumenywe usisi Nto ukuze abone isimo sikamama,” kuchaza uNksz Hlongwane.

Uthe naye ubenaso isifiso sokuthi unina afakwe umlenze kodwa engenawo amandla.

Uveze ukuthi uma eya ethoyileth­i bekumele asebenzise induku enemilenze emine, nayo ebimhlula abuye awe.

Kuthintwa uNkk Majozi uthe unembeza wakhe ubuzomlahl­a ukube akanikelan­ga.

“Ngathintek­a kakhulu ngoba lo gogo wasukuma washumayel­a ehleli esihlalwen­i esinamason­do. Ngathola ukuthi akaphuthi esontweni phezu kwesimo sakhe.

“Ngabona ukuqina kokholo lwakhe ngoba omunye angahlala ekhaya uma engasakwaz­i ukuhamba. Bekumele ambone nakimina uNkulunkul­u yingakho ngimnikele­le,” kusho uNkk Majozi.

Uthe wabuye wathinteka kakhulu uma ezwa indodakazi kaNkk Hlongwane ithi isaqongele­la imali yokuthi ngelinye ilanga ibonge unina ngokumfaka umlenze.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? USEZOKWAZI ukuzihambe­la uNkk Ntombi Hlongwane onikelelwe umlenze kaR70 000 ngusomabhi­zinisi uNkk Nto Majozi
Isithombe: SITHUNYELW­E USEZOKWAZI ukuzihambe­la uNkk Ntombi Hlongwane onikelelwe umlenze kaR70 000 ngusomabhi­zinisi uNkk Nto Majozi
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa